Bashiye isikole kubizwa uzakwabo ngesidomu
Bathe bayoze babuyele uma selusukunyelwe udaba
BAQOME ukushiya phansi ukufunda ngeledlule abanye abafundi baseGamula Secondary School, eBomvini, eNgwavuma ngoba bezwelana nozakwabo okuthiwa uthukwe nguthisha wesifazane wambiza ngesidomu, into engenamsebenzi walutho futhi angazi nokuthi ifinyelele kanjani kumatikuletsheni.
Lolu daba selungenelwe ngamalungu omphakathi waseBomvini nowaseNgonini, asephakamise ukuba lo thisha aqoqe imithwalo yakhe abuyele ngakubo. Kubikwa ukuthi ingxenye yothisha - kubalwa nothishanhloko, ILANGA elinalo igama lakhe - basole lo mfundi ngokuba luhlaza, maqede wakhonjwa indlela.
Kwale noma sekubizwa abazali balo mfundi, kodwa uthishanhloko waqhubeka nesinqumo sokweseka uthisha. Lokhu kakwehlanga kahle kubafundi njengoba behlanganile bayalela ozakwabo ukuba basuse umbhikisho ozoholela ekubeni kuxoshwe lo thisha obize umfundi ngesidomu.
Kubona kukhona nabenza umatikuletsheni. “Sifuna ukuthi naye lo thisha kubizwe abakubo azoyalwa ngoba uluhlaza. Uvele asitshele kwezikabho- qo ukuthi akasiphiwe. Uqashelwe ukuba siphiwe yena yini kanti ngoba uqashelwe ukuzosivula imiqondo hhayi ukusithuka. Sekukaningi sibekezelela ukuhlukunyezwa yilo mama.
“Kusukela ngoLwesithathu sihleli emakhaya ngoba siyabona ukuthi kukhulu okuzokonakala uma sibuyela khona. Kungcono kuvalwe isikole kunokuba siyobizwa ngezilima nezidomu,” kusho omunye walaba bafundi.
Ethintwa lo thisha, uziphikile ukuthi nguyena. Uthe akalwazi lolu daba futhi akayena uthisha wakulesi sikole, emuva kwalokho wabeka phansi ucingo.
UMnu Mhlabunzima Gumbi ongumzali walo mfundi, uthe ufuna kwenziwe ubulungiswa kulolu daba, kungenjalo, uzophoqeleka ukuthatha izinyathelo zomthetho.
“Ngithukuthele kakhulu ngokuxoshwa kwengane yami esikoleni kuthiwe inephutha ekubeni kuvela ukuthi nguyena lo thisha oqale udweshu ngokubiza umfana wami ngesidomu,” kusho uMnu Gumbi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe kuyishwa ukuthi kusenothisha abangasebenzisa amagama alolu hlobo.
Unxuse ukuba kubanjiswane phakathi kwabafundi nothisha ukuze kuzoqhubeka umsebenzi wokufunda nokufundisa.
“Ezikoleni kunemigomo ebekwayo elawula ukusebenza kwazo, kangicabangi ukuthi kukhona lapho kubhalwe ukuthi avumelekile amagama alolu hlobo.
“Uma siqasha othisha, siyaye sibayale ngokufanele bakwenze nokungafanele. Sizojuba ithimba elizongena kulesi liyophenya kabanzi ngalezi zinsolo,” kusho uMnu Mthethwa.
Sifuna ukuthi naye lo thisha kubizwe abakubo azoyalwa ngoba uluhlaza...