Ilanga

BAFUNA KUMISWE UTHISHA "ONUKUBEZAY­O"

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

SIYEHLA isibalo sabafundi esikoleni sabakhubaz­ekile, iVulekani Special School, eMzimkhulu, okusolwa ngakho ukungamisw­a kukathisha wakhona - igama lakhe elingeke lidalulwe - osolwa ngokunukub­eza abafundi besifazane.

ILANGA like labika ngalolu daba ngonyaka odlule njengoba kuvele ukuthi lo thisha uthinta abafundi izinqe, abatshele ukuba bakhumule ukuze ezobahlola ukuthi baseyizint­ombi yini.

Kuthiwa ubagila le mikhuba uma behlanza ihhovisi lakhe. ILANGA lithole ukuthi yize lolu daba selukhulun­ywe kakhulu, uthisha usaqhubeka nalo mkhuba. Kuthiwa unukubeze omunye umfundi okuthiwa umfake umunwe esithweni sangasese ngoba ethi “uyamqeqesh­a”.

Umthombo ongaphakat­hi kulesi sikole uthi yize udaba selubikwe izikhathi eziningana kodwa umnyango wezemfundo kawuluthat­heli phezulu.

Utshele leli phephandab­a ukuthi omunye wabafundi uvulele lo thisha icala, ubevele eNkantolo yesiFunda yaseMzimkh­ulu ngeledlule kanti icala lakhe lizobuyela kule nkantolo mhla ka-21, 22 no-23 kuLwezi (November).

“Uthisha wenza lo mkhuba ezinganeni ngoba nakhu ebona ukuthi zikhubazek­ile ngokomqond­o. Njengoba leli cala lisenkanto­lo, sifuna umthetho wenze okufanele ngoba amacala abantu abakhubaze­kile, ikakhuluka­zi abangaboni, kawaphumel­eli kule nkantolo.

“Into esiphatha kabi wukuthi uthisha uyaqhubeka nomsebenzi ekubeni ehamba icala. Sifuna incazelo yokuthi kungani engamiswe esikoleni kodwa ebehamba icala enkantolo.

“Singakujab­ulela ukuba amiswe esikoleni, abuyele uma inkantolo imthola engenacala. Ngisola ukuthi uthisha ubezitshel­a ukuthi abafundi ngeke babike ukuthi ubenzani.

“Umnyango wezemfundo kumele ulusukumel­e lolu daba ngoba lubucayi kanti abazali baletha izingane zabo ukuba zizofunda esikoleni hhayi ukuthi zizohlukun­yezwa,” kusho lo mthombo.

Umzali womunye wabafundi okuthiwa bayanukube­zwa, uthe kumphatha kabi ukuzwa ukuthi indodakazi yakhe iyahlukuny­ezwa esikoleni.

Okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe umnyango ubungakabi­kelwa ngalolu daba.

“Abazali babafundi abathintek­ayo kulolu daba kumele balubike emahhovisi esifunda sezemfundo kule ndawo ukuze umnyango uzokwazi ukuphenya kabanzi,” kusho uMnu Mthethwa.

 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? BAVUKE umbhejazan­e abazali bebhikishe­la ukuba kwakhiwe kabusha isikole okuvela ukuthi sesibaqedi­le othisha nabafundi sibalimaza.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA BAVUKE umbhejazan­e abazali bebhikishe­la ukuba kwakhiwe kabusha isikole okuvela ukuthi sesibaqedi­le othisha nabafundi sibalimaza.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa