BAFUNA KUMISWE UTHISHA "ONUKUBEZAYO"
SIYEHLA isibalo sabafundi esikoleni sabakhubazekile, iVulekani Special School, eMzimkhulu, okusolwa ngakho ukungamiswa kukathisha wakhona - igama lakhe elingeke lidalulwe - osolwa ngokunukubeza abafundi besifazane.
ILANGA like labika ngalolu daba ngonyaka odlule njengoba kuvele ukuthi lo thisha uthinta abafundi izinqe, abatshele ukuba bakhumule ukuze ezobahlola ukuthi baseyizintombi yini.
Kuthiwa ubagila le mikhuba uma behlanza ihhovisi lakhe. ILANGA lithole ukuthi yize lolu daba selukhulunywe kakhulu, uthisha usaqhubeka nalo mkhuba. Kuthiwa unukubeze omunye umfundi okuthiwa umfake umunwe esithweni sangasese ngoba ethi “uyamqeqesha”.
Umthombo ongaphakathi kulesi sikole uthi yize udaba selubikwe izikhathi eziningana kodwa umnyango wezemfundo kawuluthatheli phezulu.
Utshele leli phephandaba ukuthi omunye wabafundi uvulele lo thisha icala, ubevele eNkantolo yesiFunda yaseMzimkhulu ngeledlule kanti icala lakhe lizobuyela kule nkantolo mhla ka-21, 22 no-23 kuLwezi (November).
“Uthisha wenza lo mkhuba ezinganeni ngoba nakhu ebona ukuthi zikhubazekile ngokomqondo. Njengoba leli cala lisenkantolo, sifuna umthetho wenze okufanele ngoba amacala abantu abakhubazekile, ikakhulukazi abangaboni, kawaphumeleli kule nkantolo.
“Into esiphatha kabi wukuthi uthisha uyaqhubeka nomsebenzi ekubeni ehamba icala. Sifuna incazelo yokuthi kungani engamiswe esikoleni kodwa ebehamba icala enkantolo.
“Singakujabulela ukuba amiswe esikoleni, abuyele uma inkantolo imthola engenacala. Ngisola ukuthi uthisha ubezitshela ukuthi abafundi ngeke babike ukuthi ubenzani.
“Umnyango wezemfundo kumele ulusukumele lolu daba ngoba lubucayi kanti abazali baletha izingane zabo ukuba zizofunda esikoleni hhayi ukuthi zizohlukunyezwa,” kusho lo mthombo.
Umzali womunye wabafundi okuthiwa bayanukubezwa, uthe kumphatha kabi ukuzwa ukuthi indodakazi yakhe iyahlukunyezwa esikoleni.
Okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe umnyango ubungakabikelwa ngalolu daba.
“Abazali babafundi abathintekayo kulolu daba kumele balubike emahhovisi esifunda sezemfundo kule ndawo ukuze umnyango uzokwazi ukuphenya kabanzi,” kusho uMnu Mthethwa.