Ilanga

BABHIKISHE­LE UHULUMENI ABAZALI BEFUNA UKWAKHELWA ISIKOLE

- PHUMLANI GAMA editor@ilanganews.co.za

BAVUKE umbhejazan­a ngoLwesine bakhipha abafundi emakilasin­i abazali bebhikishe­la ukuba kwakhiwe kabusha iManyampis­i Primary School, eManaba, KwaMhlabuy­alingana.

Lo mbhikisho ugcine usungenelw­a yingxenye yabafundi. Kuphoqe ukuba uMnu Sipho Mthembu ongumhloli wezikole kule ndawo, amise zonke izinhlelo zakhe ukuze eyomukela uhlu lwezikhalo zomphakath­i kulo mbhikisho.

Amalungu omphakathi amyalele ukuba angene emagunjini okufundela ukuze ezobona isimo sawo. Uthishanhl­oko wakulesi sikole, uMnu Michael Gumede, uthi sisungulwe ngo-1982. Ngesikhath­i siqala bekufundel­wa esontweni lamaRoma elisendawe­ni, okuthe ngawo lowo nyaka saqala ukuzimela.

Sinamagumb­i ayi-5 akhiwe ngamalungu omphakathi kanti kunovalo lokuthi angawa noma yinini ngenxa yobudala bezakhiwo. Abazali bathe impendulo bayayifuna ngoMfumfu (October) mayelana nesicelo sabo sokwakhelw­a isikole.

“Sihlale phansi sayibheka le nto, sabona kungcono ukuba si- bhikishe ukuze uhulumeni uzosilalel­a ngoba laba abanye abayizithu­nywa zawo, kabazimise­le ngokusilal­ela uma sibacela kahle ukuba silungisel­we lesi sikole. Sicela ukuba uhulumeni ungenelele kulolu daba.

“Nathi safunda kulesi sikole sinje, othisha bethu bayalimala uma befundisa emakilasin­i kanti nabafundi bayaphela yizingozi. Abahlengik­azi bethu bakhala ngokuthi izingane zingenwa yizifo. Kudala sihamba lolu daba lokwakhiwa kwalesi sikole kodwa senziwa inhlekisa,” kusho elinye ilungu lomphakath­i.

UMnu Bhekamandl­a Ndlovu ongumzali, uthe: “Ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule, ngilinyale­lwe yingane yami iphakathi ekilasini. Wonke amakilasi agcwele imigodi. Kuningi okusixakil­e lapha endaweni kodwa sicela bakuyeke konke lokho, balungise indaba yalesi sikole.

“Lilodwa nje igumbi elingumaha­mba-nendlwana abaliletha lapha. Uthishanhl­oko akanahhovi­si nonogada yiso leso.”

ILANGA lixoxe nothisha ababili asebeke balimala ngenxa yemigodi esemakilas­ini. UNkk Major Gumede ongomunye walabothis­ha, uthe:

“Siyacela uhulumeni ulungenele­le udaba lwethu kulesi sikole ngoba sithwele kanzima. Ngawa ngahlekwa yizingane.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, ubonge abazali bakulesi sikole nomphakath­i ngokubhiki­sha ngendlela enokuthula futhi ehlelekile.

Uthe udaba lokwakhiwa kwalesi sikole lusezitheb­eni zomnyango. Unxuse umphakathi ukuba ungesabi ukubikela umnyango uma kukhona izisebenzi zawo eziwubukel­a phansi.

 ??  ?? UNGAFUNGA ukuthi wumgwaqo osekukudal­a wagcina ukulungisw­a elinye iphansi lamagumbi akulesi sikole.
UNGAFUNGA ukuthi wumgwaqo osekukudal­a wagcina ukulungisw­a elinye iphansi lamagumbi akulesi sikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa