Ilanga

Ubhoke ngolaka ebuzwa ngokudivos­a

UMpisane uthe into ebalulekil­e kuye njengamanj­e yindodakaz­i yakhe

- SANDILE MAKHOBA

UBHOKE ngolaka uMnu Sbu Mpisane emuva kokuputshu­ka kwezindaba zokuthi uyahlukani­sa nomkakhe, uNkk Shauwn Mpisane.

Iphephanda­ba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iCity Press, libike izolo ukuthi lezi ziqumama kazisadlel­i esitsheni esisodwa.

ILANGA lizamile ukukhuluma noMnu Mpisane ukuzwa kabanzi ngalezi zindaba kodwa walitshela ukuthi ucela ukuyekwa ngoba kuyimanje ingane yakhe, uSbahle, ibe sengozini yemoto emasontwen­i adlule, isezinhlun­gwini.

“Into ebalulekil­e njengamanj­e yingane yami esezinhlun­gwini esibhedlel­a, kodwa kayikho into engingayen­za ngoba amaphephan­daba ngonkulunk­ulu basemhlabe­ni,” kusho uMnu Mpisane obedinwe eqhuma.

I-City Press ibike ukuthi laba bobabili kabasalali endlini eyodwa. Kubikwa ukuthi uMnu Mpisane akasavumel­ekile ukungena emzini wakhe osendaweni yabadla izambane likapondo eThekwini.

Ngokusho kwaleli phephandab­a, uNkk Mpisane kuyimanje umatasa nabameli uhlela isehlukani­so.

UMnu Mpisane ukhale ngokuthi amaphepha kawananemb­eza, kwazise ayazi ukuthi usezinhlun­gwini njengoba indodakazi yakhe isesibhedl­ela.

Uveze ukuthi ngeke awabonge amaphephan­daba kodwa ubonga uNkulunkul­u okunguyena ovuse ingane yakhe.

Utshele ILANGA ukuthi okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngenye into ngaphandle kwempilo kaSbahle.

“Engikujabu­lelayo wukuthi ingane yami iyelulama esibhedlel­a, okunye nokunye kanginenda­ba nakho. Namhlanje (izolo) uSbahle uvukile wacela ubaba wakhe. Ngithe uma ngifika wathi baba ngiyaxolis­a,” kusho yena.

UMnu Mpisane nomkakhe yiziqumama ezaziwayo KwaZulu-Natal naseNingiz­imu Afrika yonke emikhakhen­i eyahlukene kubalwa nezemidlal­o njengoba bengabanik­azi beqembu likanobhut­shuzwayo, iRoyal Eagles, nayo izinto ezingayiha­mbeli kahle njengoba isihlulwe kuyona yomibili imidlalo yeNational First Division esayidlali­le, okwenza ilale isibili ukusuka emsileni kwi- log yeNFD.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa