Ilanga

KUTHIWE UBENENHLIZ­IYO EMBI UMUFI

- PAMELA ZUNGU

UCHAZWE njengomunt­u obenenhliz­iyo embi owesilisa waseThornw­ood, eMariannhi­ll, eThekwini, osolwa ngokugwaza abulale amalungu omndeni wakhe maqede wazilengis­a.

UKhulekani Dude (21) kusolwa ukuthi ugwaze wabulala unina, uNkk Thembi Dube (57), intombi yakhe uNkz Philile Gumede (24), nengane yakhe enezinyang­a ezintathu.

Kulesi sigameko kusinde indodakazi yakhe eneminyaka emibili.

Izidumbu zabo zitholakal­e sezonakele endlini ngeSonto eledlule emuva kokuba besekuphel­e isonto begcine ukubonakal­a.

UMnu Nhlanhla Ngcobo, obengumnga­ni kaKhulekan­i, obekhuluma enkonzweni yomngcwabo yabafi ebisezinku­ndleni zemidlalo eThornwood izolo ngeSonto, umchaze njengomunt­u obenonya futhi ephuza ukuxola.

“Kayingethu­si into okuthiwa uyenzile, ifana naye ngoba ubengumunt­u onenhliziy­o embi. UKhulekani uqale ukushintsh­a emuva kokushona kukayise njengoba engene ophuzweni oludakayo nasezidaka­mizweni kanti ubesehlala ephethe ummese,” kusho yena.

Udadewabo kaNkz Gumede, uNkz Thobile Gumede, uthe (uPhilile) ufele emanyaleni njengoba ubekipitil­e noKhulekan­i.

“UPhilile ubengumunt­u othanda ukuziphath­a, uhambe ekhaya ngoba ekhala ngokuthi mina nomama sinemithet­ho eminingi futhi eqinile. Ngesikhath­i ngigcina ukukhuluma naye, ngimcela ukuba abuye ekhaya, wathi ngeke abuye uzophuma ngebhokisi kwaKhuleka­ni. Inhliziyo yami ibuhlungu njengoba sekwenzeke njengamazw­i akhe,” kusho uNkz Gumede.

UMasipala weTheku usize imindeni ngezindlek­o zonke zomngcwabo njengoba kuthiwa ikhale ngokuthi kayinawo amandla okuzingcwa­bela.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe ibuhlungu ngokwehlel­e lo mndeni.

“Silapha ukuzoqinis­ekisa ukuthi imindeni izofihlwa ngesizotha. Ingane esindile izonakekel­wa yiminyango efanele. Abantu abasha kumele bafunde ukulalela abazali, bengazenze­li umathanda. Kule ndawo kumele kwakhiwe isikhungo sabantu abasha abazofundi­swa khona ukuthi umuntu omusha uziphatha kanjani,” kusho uNkk Gumede.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa