Inkosi iphika izinsolo zokuqola abantu
Kuthiwa inamakomidi aqoqa izimali zokubuyiselwa umhlaba
SISHUBILE isimo emphakathinini wakwaMzizi, eBizana, emuva kokuba inhlangano, aBahlali baseMjondolo, ivale umgwaqo ngeledlule ngoba ifuna kubuyiswe imali ethathwe kubantu bethenjiswa ukubuyiselwa umhlaba.
Amalungu ale nhlangano asola iNkosi Jongamampondo Mditshwa ngokusungula elinye lamakomidi abeqoqa imali emphakathini, uthenjiswa ukuthi uzobuyelwa wumhlaba owasuswa kuwona wuhulumeni wobandlululo ngo1976. Kuzokhumbuleka ukuthi
like labika phambilini ngalolu daba lapho le nhlangano ibikhala ngokuthi kudlalwa ngabantu bekhokhiswa yikomidi okuthiwa lisungulwe yinkosi.
Kubikwe ukuthi abantu bebekhokhishwa kusukela ku-R150 kuya ku-R350 njalo uma kunemihlangano, kuthiwe yimali yokufaka uphethiloli.
Kunabantu okuthiwa bese kuphele iminyaka engaphezulu kwewu-5 bekhokhiswa le mali.
Ngokuthola kweLANGA, nga- phandle kwesikhalo mayelana nemali, kuthiwa amalungu alo mphakathi ashaya amakhala ngeNkosi Jongamampondo, athi wona azi uMakhosini Mditshwa njengenkosi.
Akhala nangodaba lokukhokhela iziza uma efuna ukwakha.
UMnu Ntsikelelo Mathumbu ongusihlalo waBahlali baseMjondolo kule ndawo, uthi bengabahlali basemjondolo ngokubambisana namalungu omphakathi, babone kungcono bazwakalise izikhalo zabo ukuze kuzobuya le mali ethathwe kubantu ngoba sekunesikhathi eside bekhala benganakiwe.
Uthi okunye abakhala ngakho wukukhokhiswa kwabantu yizinduna zeNkosi Jongamampondo uma bebekwa endaweni.
Abanye kuthiwa bakhokha o-R10 000, kunjalo nje nenkosi kayenzi lutho ngale nto.
Elinye ilungu lomphakathi - elingathandanga ukudalulwa - liveze ukuthi babhekana nenkinga uma kumele bathole usizo ngoba uma umuntu ephethe incwadi enesi-gxivizo sikaMakhosini, utshelwa ukuthi kasisebenzi ekubeni abantu emphakathini bazi yena njengenkosi, hhayi iNkosi Jongamampondo.
Ithintwa iNkosi Jongamampondo, ithe izwile ngombhikisho wangeledlule, yathi abantu abebenza lokhu bazisukelwe wukuchwensa nje.
Ithe udaba oluthinta ubukhosi lwakhulunywa futhi nabo abantu bayakwazi lokho.
Utshele ILANGA ukuthi uma abantu befuna izimpendulo, mabaye emnyangweni wezokubusa ngokubambisana nezomdabu.
“Inhloso yalaba bantu wukudicilela igama lami phansi. Le nto yamakomidi aqoqa imali kangiyazi futhi kangihlangene nayo.
"Ngiyabona manje sekumele kube khona engimyisa enkantolo kulaba bantu ukuze ezongichazela kahle ukuthi uqondeni ngoba badicilela igama lami phansi.
"Kasinayo naleyo mijondolo njengoba sekunenhlangano okuthiwa ngabahlali basemjondolo nje lapha," kusho inkosi.
UMnu Sbonelo Mlambi, okhulumela uMakhosini Mditshwa, uthe bazwile ngalo mbhikisho, kodwa wathi bacela abantu baseMzi- zi behlise umoya, bayekele umthetho usebenze odabeni lokuthi ngubani inkosi.
Imizamo yokuthola uMnu Mamkeli Ngam, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, e-Eastern Cape, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.