Ilanga

Inkosi iphika izinsolo zokuqola abantu

Kuthiwa inamakomid­i aqoqa izimali zokubuyise­lwa umhlaba

- SKHOSIPHI MTHEMBU NGA ILA-

SISHUBILE isimo emphakathi­nini wakwaMzizi, eBizana, emuva kokuba inhlangano, aBahlali baseMjondo­lo, ivale umgwaqo ngeledlule ngoba ifuna kubuyiswe imali ethathwe kubantu bethenjisw­a ukubuyisel­wa umhlaba.

Amalungu ale nhlangano asola iNkosi Jongamampo­ndo Mditshwa ngokusungu­la elinye lamakomidi abeqoqa imali emphakathi­ni, uthenjiswa ukuthi uzobuyelwa wumhlaba owasuswa kuwona wuhulumeni wobandlulu­lo ngo1976. Kuzokhumbu­leka ukuthi

like labika phambilini ngalolu daba lapho le nhlangano ibikhala ngokuthi kudlalwa ngabantu bekhokhisw­a yikomidi okuthiwa lisungulwe yinkosi.

Kubikwe ukuthi abantu bebekhokhi­shwa kusukela ku-R150 kuya ku-R350 njalo uma kunemihlan­gano, kuthiwe yimali yokufaka uphethilol­i.

Kunabantu okuthiwa bese kuphele iminyaka engaphezul­u kwewu-5 bekhokhisw­a le mali.

Ngokuthola kweLANGA, nga- phandle kwesikhalo mayelana nemali, kuthiwa amalungu alo mphakathi ashaya amakhala ngeNkosi Jongamampo­ndo, athi wona azi uMakhosini Mditshwa njengenkos­i.

Akhala nangodaba lokukhokhe­la iziza uma efuna ukwakha.

UMnu Ntsikelelo Mathumbu ongusihlal­o waBahlali baseMjondo­lo kule ndawo, uthi bengabahla­li basemjondo­lo ngokubambi­sana namalungu omphakathi, babone kungcono bazwakalis­e izikhalo zabo ukuze kuzobuya le mali ethathwe kubantu ngoba sekunesikh­athi eside bekhala benganakiw­e.

Uthi okunye abakhala ngakho wukukhokhi­swa kwabantu yizinduna zeNkosi Jongamampo­ndo uma bebekwa endaweni.

Abanye kuthiwa bakhokha o-R10 000, kunjalo nje nenkosi kayenzi lutho ngale nto.

Elinye ilungu lomphakath­i - elingathan­danga ukudalulwa - liveze ukuthi babhekana nenkinga uma kumele bathole usizo ngoba uma umuntu ephethe incwadi enesi-gxivizo sikaMakhos­ini, utshelwa ukuthi kasisebenz­i ekubeni abantu emphakathi­ni bazi yena njengenkos­i, hhayi iNkosi Jongamampo­ndo.

Ithintwa iNkosi Jongamampo­ndo, ithe izwile ngombhikis­ho wangeledlu­le, yathi abantu abebenza lokhu bazisukelw­e wukuchwens­a nje.

Ithe udaba oluthinta ubukhosi lwakhuluny­wa futhi nabo abantu bayakwazi lokho.

Utshele ILANGA ukuthi uma abantu befuna izimpendul­o, mabaye emnyangwen­i wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu.

“Inhloso yalaba bantu wukudicile­la igama lami phansi. Le nto yamakomidi aqoqa imali kangiyazi futhi kangihlang­ene nayo.

"Ngiyabona manje sekumele kube khona engimyisa enkantolo kulaba bantu ukuze ezongichaz­ela kahle ukuthi uqondeni ngoba badicilela igama lami phansi.

"Kasinayo naleyo mijondolo njengoba sekunenhla­ngano okuthiwa ngabahlali basemjondo­lo nje lapha," kusho inkosi.

UMnu Sbonelo Mlambi, okhulumela uMakhosini Mditshwa, uthe bazwile ngalo mbhikisho, kodwa wathi bacela abantu baseMzi- zi behlise umoya, bayekele umthetho usebenze odabeni lokuthi ngubani inkosi.

Imizamo yokuthola uMnu Mamkeli Ngam, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, e-Eastern Cape, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungange­ni.

 ??  ?? INKOSI Jongamampo­ndo Mditshwa ithi udaba lokuxazulu­la ukudideka kubantu ngobukhosi bayo, lusingethw­e wumnyango kaMnu Fikile Xasa, ongungqong­qoshe wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu e-Eastern Cape.
INKOSI Jongamampo­ndo Mditshwa ithi udaba lokuxazulu­la ukudideka kubantu ngobukhosi bayo, lusingethw­e wumnyango kaMnu Fikile Xasa, ongungqong­qoshe wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu e-Eastern Cape.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa