Ilanga

UBEPHENYWA NGEZIQU ZOMGUNYATH­I "OGWAZE" UMYENI BESOCANSIN­I

- NOMFUNDO NGWANE

BELIPHENYW­A ngokuseben­zisa iziqu zomuntu osewashona isekela likathisha­nhloko waseMiddle Primary School, eMargate, elitholaka­le linamagxeb­a okugwazwa emzini walo, lishaya ngesudi yesele emini ngeSonto eledlule.

ILANGA lithole ukuthi uNkk Sindiswa Ntshingo, uMaBase, leli phephandab­a elibikile ngaye ngoLwesine olwedlule, ubevulelwe icala emaphoyise­ni aseMargate ukuze kuphe- nywe ngeziqu zakhe okusolwa ukuthi ngezomunye uthisha osewashona.

Leli phephandab­a libike ukuthi kutholakal­a isidumbu sikaNkk Ntshingo simanxeban­xeba nje, bekukade kuphume umyeni wakhe, uMnu Sihle Ntshingo, endlini egijima naye egwaziwe.

Kuvele ukuthi kunezinsol­o zokuthi uMnu Ntshingo ugwazwe yinkosikaz­i yakhe ebithi izama ukumjunqa besocansin­i.

Kuthiwe yenze lokhu nje, yingoba ibisaba ukuthi uMnu Ntshingo angase athole ngodaba lweziqu zayo zomgunyath­i - kwazise udaba bese luphume kwelinye iphephanda­ba eliloba ngesiNgisi.

Kubikwa ukuthi uNkk Ntshingo wethuke kwaphela nasozwanin­i, waswela nomgodi wokucasha, ngesikhath­i efonelwa ngomunye wabangani bakhe emtshela ukuthi makathenge leli phephandab­a lesiNgisi, kubha- lwe ngodaba lwakhe.

Umthombo weLANGA uthi kube yisikhasha­na nje ethole izindaba zokuthi kubhalwe ngaye ephepheni, kwabe sekuzwakal­a izindaba zokuthi useshonile.

“Siyasola ukuthi imethuse kakhulule le ndaba yokwazi ukuthi sekuyaziwa ukuthi usebenzisa iziqu zomuntu osewashona," kusho umthombo.

Imithombo yeLANGA engaphakat­hi emaphoyise­ni iveze ukuthi uphenyo ngeziqu zikaNkk Ntshingo luqalwe ngo-2016 emuva kokuba efake isicelo sokuba nguthishan­hloko kwesinye isikole esikuyona le ndawo. Bese luphothuli­we, sekulindel­we ukuba luyiswe kumshushis­i ukuba akhiphe isinqumo ngalo. Kuthiwa kube sekufakwa icala emaphoyise­ni ukuze ahlolisise kahle iziqu zakhe, okuthe uma kwenziwa uphenyo kwatholaka­la ukuthi usebenzisa iziqu zikathisha oshone ngo-2011.

Imithombo yaleli phephandab­a iveze ukuthi kwenzeka konke lokhu nje, umyeni wakhe ubengenalo ulwazi lokuthi kunophenyo ngeziqu zomkakhe kanti naye uNkk Ntshingo ubengazi ngalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulazi Zwane, uthe likhona icala elivulwe ngo-2016 esiteshini samaphoyis­a eMargate, kuphenywa ngeziqu zikaNkk Ntshingo.

Ukuqinisek­isile ukuthi uphenyo bese luqediwe, sekulindwe umshushisi ukuba akhiphe isinqumo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa