UGIXABEZE OMAMA NGO-R1.2m
IYISONGE ihleka yodwa inyanga yabesifazane inzalabantu yaseMsinga enemifelandawonye ngesikhathi inikelelwa ngo-R1.2 million ngusomabhizinisi wasendaweni ukuyifukula.
UDkt Bahle Zondo, onenkampani yomshwalense wokungcwaba, i-Amahle Benefit Scheme, unikelele imifelandawonye ewu-10 okukhona kuyona eyabafuye izinkukhu, abatshalayo, abanebhizinisi lokubhaka nebhusha.
Echaza ngokunikela kwakhe le mali uDkt Zondo, uthe abesifazane bayizinsika zemizi.
“Banekhono eliyisimanga lokukwazi ukuthatha into engatheni bayikhulise. Laba besifazane esizobanikelela namhlanje, sibathathe emakhaya behleli bengenzi lutho, sabavulisa imifelandawonye ngaphansi kwenhlangano yami esizoyethula ngokusemthethweni namhlanje, iDr Bahle Zondo Foundation.
“Imifelandawonye esibavulise yona igcine iwu-10 ngoba abanye bebethanda into eyodwa sase sibahlanganisa sabenzisa uqeqesho kulo mkhakha webhizinisi abangena kuwo. Le mali bazoyicaza ngokwezidingo zamabhizinisi abo. Imali esiyibeke eceleni ukusiza le mifelandawonye neminye esazosungulwa iwu-R5 million.
“Njengoba sibanika le namhlanje, kuzosala u-R3.8 million engikholwa wukuthi uzobathwala baze basimame,” kusho uDkt Zondo.
Uthe uyazi ukuthi akayilahli imali yakhe njengoba enikelela amabhizinisi ale nzalabantu ngoba uyazi izosebenza ngempela, ngeke idlale.
“Ukufukula abesifazane ngale ndlela ngikholwa wukuthi kuzosiza ukuxosha ikati eziko emi- ndenini, kubenze bakwazi ukuzimela, banganciki kwabesilisa abathandana nabo,” kusho yena.
UNkz Ntombi Ngobese, ozofuya izinkukhu zamaqanda, uthi njengoba sebeyitholile imali yokuqala, akusekho ukujikela emuva kwendlu.
“Kimina ukuthola lolu xhaso kufezeke iphupho leminyaka, kade ngangifisa ukuba nebhizinisi. Sibonga kakhulu kwiDr Bahle Zondo Foundation ngokusixhasa,” kusho uNkz Ngobese.
UNkk Fisekile Buthelezi, ozokwenza ibhikawozi, uthi kabasakwazi ukulinda baqale ukusebenza. Uthi kumanje bakhuluma nezikole, imitholampilo eyenza ama- soup kitchen abazobanika izinkwa.
Ukufukula abesifazane ngale ndlela kuzosiza ukuxosha ikati eziko...