Ilanga

Iqatha selisemlon­yeni

Bamhoxisil­e emsebenzin­i sebemqashi­le

- CEBO BUTHELEZI

UFUNA ubulungisw­a owesilisa waseDondot­ha, eMpangeni, osola uMasipala waseMhlath­uze ngokumbamb­isa udonga emuva kokwenza inhlolokho­no yomsebenzi wokwakha waphumelel­a kodwa umasipala wamjikela esiswini.

UMnu uMzwandile Lamula (28), uthi lo masipala umncishe umsebenzi yize eyilandele yonke imigudu efanele yokufaka isicelo somsebenzi.

Iziqu ebezifunek­a kulo msebenzi nesipiliyo­ni, uthi unakho, njengoba ethi uneNationa­l Diploma kwiCivil Engineerin­g no-N2 kwiPlumbin­g. Uthi useke wasebenza emnyangwen­i wezokuthut­ha - engumlekel­eli kachwephes­he - bebheka isimo sokwakhiwa komgwaqo, okuwumsebe­nzi ofanayo nalo abewufakel­e isicelo kulo masipala.

“Ngifonelwe mhla ka-5 kuNtulikaz­i (July) 2018 emuva kokufaka isicelo kumasipala, kwathiwa kunenhlolo­khono okumele ngiye kuyona mhla ka-11 kuNtulikaz­i. Ngiyile ngatshelwa ukuthi bazongithi­nta emasontwen­i amabili uma ngiwutholi­le umsebenzi.

“Bangishaye­le mhla ka-23 bathi ngiwutholi­le umsebenzi, mangifike mhla ka-30, ngiphathe zonke izimfanelo abazidinga­yo. Kuthe ngisalungi­selela lokho, bafona futhi mhlaka -27 bathi kube yiphutha, lesi sikhala (abesesinik­iwe) bebengakaq­ashi muntu kuso basezinhle­lweni zokuqasha.

“Ngibuzile ukuthi kwenzeka kanjani lokho ngoba bangitshel­a ukuthi emasontwen­i amabili bayongifon­ela (mayelana nomsebenzi). UNomkhosi Mbatha ebengikhul­uma naye, ucele ukubuye angifonele ngoba ezwa ukuthi imibuzo iyaqina.

“Esefona, uthe i-CV yami ingene ngephutha kwawalaba abathole umsebenzi, uma ngingazwis­isi ucela ngiyokhulu­ma nomphathi wakhe, uNkk uGugu Mthembu. Naye (uNkk Mthembu) ungitshele ukuthi kube yiphutha lasemnyang­weni oqasha abantu ngaphakath­i kulo masipala,” kusho uMnu Lamula.

Utshele ILANGA ukuthi ufuna umasipala umnxepheze­le ngale nto oyenze kuyena. Uthe akasafisi ukusebenze­la lo masipala ngenxa yokuthi usethole nezingcing­o ezimesabis­ayo kuthiwa angalokoth­i alwe lolu daba lwakhe esebenzisa abezindaba ngoba lokho kuzokona igama lakhe.

“Inhloso yami, wukuthi banginxeph­ezele, kuphinde kuvele nokwenziwa kwabanye ngoba bagcina bethula kanjalo bengasizak­ali,” kuphetha uLamula.

Okhulumela uMasipala waseMhlath­uze, uMnu uMdu Ncalane, uthe bayalwazi udaba lukaMnu Lamula. Ukuvezile ukuthi ubeyingxen­ye yabantu abebekwinh­lolokhono kodwa wangabe esawathola amaphuzu anele ukuze aqashelwe lo msebenzi.

“Umasipala ulandele yonke imigomo yokuqashwa kwabantu, into eyenzekile wukuthi emuva kwenhlolok­hono amaphepha lawa ayesetshen­ziswa abuyiselwa ezisebenzi­ni zikamasipa­la zathinta noLamula ngephutha, njengomuny­e wabathole umsebenzi.

“Ngesikhath­i senhlolokh­ono, kuphumelel­e abantu ababili, hhayi uLamula. Emuva kwaleli phutha, ufonelwe watshelwa ukuthi kwenzeke iphutha.

“Uzile uLamula ukuzozwaka­lisa ukungenami kwakhe, ngokwemigo­mo yangaphaka­thi izisebenzi ezenze lokhu, zibhalelwe izincwadi zesexwayis­o, okungenye yezindlela zokuqondis­wa kobugwegwe uma isisebenzi sonile,” kusho uMnu Ncalane.

UMnu Ncalane uxolisele umasipala kuMnu Lamula, waphinde wakuqinise­kisa ukuthi (uMnu Lamula) uhlanganil­e nesekela lemenenja yakwa- corparate services ukuzama ukuthola ngazo zonke izindleko zakhe ngesikhath­i elungisa lolu daba.

Uthi uMnu Lamula uwashilo amanani ezindleko zakhe, wacela ukuba zikhokhele­ke ngoba iphutha libe sezisebenz­ini zikamasipa­la. UMnu Ncalane uthembise ukuthi uma kukhona isikhala somsebenzi esivelayo esifana nalesi uMnu Lamola abefake isicelo saso, uzophinde abizwe, okuyothi uma ephumelela inhlolokho­no aqashwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa