Uphuzo oludakayo kokhulelwe ludala umonakalo enganeni
KWELANAMUHLA sihlaziya kafishane ingozi ekhokhobela isizwe saseNingizimu Afrika futhi ezovala ngehlahla entsheni yamanje neyangomuso. Sikhuluma ngenkinga yophuzo oludakayo ehlasela abantwana beseseziswini zonina, ebizwa ngeFoetal Alcohol Syndrome ngolwasemzini.
Kubikwa ukuthi iNingizimu Afrika inesibalo esiphezulu sabazalwa benale nkinga njengoba kuvela ukuthi siphindwe ka-14 uma kuqhathaniswa nesomhlaba jikelele.
Ucwaningo olushicilelwe yiAmerican Medical Association Journal JAMA Paediatrics mhla ka-21 kuNcwaba (August) 2017 luveza ukuthi kubantwana abawu1 000 abazelwe eNingizimu Afrika, abawu-111 banale nkinga, kulandele iCroatia lapho ucwaningo kubantwana abayisibalo esifanayo luveza ukuthi bawu-53 abanale nkinga, kuthi i-Ireland babe wu-47. Emhlabeni bawu-8 kwabawu-1 000.
YINI I-FOETAL ALCOHOL SPECTRUM DISORDER (FASD)?
Leli gama lididiyela yonke imiphumela nezimpawu ezibonakala kumntwana ezibangelwa wukuphuza kukanina emkhulelwe. Utshwala buyakukhinyabeza ukukhula komntwana esiswini. Lobu obusegazini kowesifazane okhulelwe budlulela egazini lomntwana ngoba umzanyana ( placenta) kawubuhluzi, okwenza umthamo osegazini lakhe ulingane nalowo okwelikanina.
MAKWENZIWE NJANI PHO?
Indlela kuphela yokuqiniseka ukunqandeka kwale nkinga, wukuba okhulelwe alushiye phansi uphuzo oludakayo nangezikhathi lapho amathuba okukhulelwa emakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi ingozi yotshwala ivele iqale nangesikhathi sisanda kuhlala isisu lapho owesifazane engakazazi kwakuthi ukhulelwe.
Ubuningi besilinganiso sotshwala obusegazini busho ukuba bukhulu bengozi yabo kumntwana okhulayo
esiswini.
IZIMPAWU ZALE NKINGA
Umntwana onale nkinga ubonakala ngezinye zezimpawu ezingafanele eziba sebusweni, ezikhombisa ukungakhuli kahle ngokuphelele nokungasebenzi kahle kwemizwa nobuchopho.
Ezinye zalezi zimpawu kuba ngamehlo amancane, wukugcwala kwesisele esiphakathi komlomo nekhala odebeni olungenhla, kanjalo nokuba wucwephe kwalo udebe olungenhla.
Ikhanda liba lincane ngengxenye eyodwa kwezintathu kokujwayelekile, ubude buba ngaphansi ngengxenye eyodwa kweziwu-10 kokufanele, kanjalo nesisindo siba ngaphansi ngengxenye eyodwa kweziwu-10 kwesifanele.
Ubuchopho kabubi yisimo esijwayelekile, wukubambeka njengomuntu onesithuthwane ( epilepsy), ukuyaluza komntwana angazinzi, ukukhohlwa kalula, wukungakwazi ukulalela omunye, ubuthuntu ezifundweni, ukufunda ukukhuluma sekudlule isikhathi, wukuhluleka wukuhlazi
ya izimo zempi- lo yemihla ngemihla nezinkinga zokulala nokuncela uma umntwana esemncane.
OSENGCUPHENI YOKUTHOLA UMNTWANA ONJALO
Umyalezo ucacile ngaleli phuzu:
Bonke abesifazane basengcupheni, akukhathalekile ukuthi ngabaluphi uhlanga.
Ulibofuzo lungenza abantwana bazwele ngezinga elingalingani engozini yotshwala.
Uma uphuza utshwala kanjalo nomntwana osesiswini uyaphuza.
Zonke izinhlobo zotshwala zingamkhinyabeza umntwana: ubhiya, iwayini nogologo.
Osetholile ukuthi ukhulelwe makayeke ngaleso sikhathi ngoba kubalulekile kumntwana.
Ubuchopho bomntwana bukhula njalo, akukho isikhathi esiphephile sokuba unina aphuze.
ISELULEKO ESIVAMILE
Labo abaluleka abesifazane, bavamise ukugcizelela lezi zinto ezimbili:
Owesifazane makayeke ukuphuza utshwala uma ekhulelwe noma agweme ukukhulelwa uma ephuza utshwala.
ISIPHETHO
Ake kuthi usacabanga ngokuthi kazi kukuphi lapho ziduma khona, ungalibali ukuqiniseka ukuphepha kwakho engcupheni yokukhulelwa.