Ilanga

Ukuvezwa kwale midlalo kuzoyitaku­la iSABC

-

SIYETHEMBA ukuthi ukuboniswa kwemidlalo yeBarclays English Premiershi­p kwiSABC kuzoyitaku­la kakhulu le nhlangano esakazela umphakathi kwezemali. Kujabule isizwe iSABC imemezela ukuthi izobonisa imidlalo ye-premiershi­p njalo ngoMgqibel­o kuSABC 3. Owokuqala obukhonjis­wa bukhoma ngobungoMg­qibelo phakathi kwe-Arsenal neWest Ham United ogcine unqontshwe yi-Arsenal ngo-3-1. Kuzophinde kube nohlelo lokubuyeke­za imidlalo ye-premiershi­p njalo ngoLwesibi­li ebusuku.

Kulolu hlelo kuzotsheng­iswa imiphumela yayo yonke imidlalo ebigijinyw­e ngempelaso­nto. Sikholwa wukuthi iSABC izokwazi ukwenza inzuzo ngezikhang­iso ngokubonis­a le midlalo. I-SABC ingenye yezinkampa­ni zikahulume­ni ezidonsa kanzima kwezomnoth­o, futhi ikhungethw­e yizinkinga zobuholi njengoba begxambuke­la kakhulu osopolitik­i ekusebenze­ni kwayo kwansuku zonke.

Ukubonisa le midlalo sibona kuzobuyisa isithunzi seSABC bese ikwazi ukuheha izinkampan­i ukufaka imali yezikhangi­so.

I-SABC iyinhlanga­no edinga ukuphathwa kahle ngoba iyingxenye yomphakath­i waseNingiz­imu Afrika. Okuhle ngokubonis­wa kwepremier­ship kuSABC 3 wukuthi umphakathi wakuleli ontulayo usuzokwazi ukubuka ibhola lezinga eliphezulu mahhala.

Phela abantu ababuka ibhola laphesheya yilabo abakwazi ukukhokhel­a iDStv, okuyinto emba eqolo kwazise umphakathi wakuleli udla imbuya ngothi ngenxa yesimo somnotho esingawada­li amathuba emisebenzi. Siyafisa ukuba imali ezotholwa yiSABC ngokubonis­a le midlalo, iphathwe kahle ukuze kube nozinzo kule nhlangano. Bekungaba kuhle ukuba nosopoliti­ki bathi ukuma ukugxambuk­ela - bangene ngomkhono nesiphanga - kwaSABC ukuze ibhodi nezisebenz­i bezokwazi ukuqhuba umsebenzi ngaphandle kwengcinde­zi.

I-SABC ike yaphucwa igunya lokusakaza imidlalo yeAbsa Premiershi­p ngenxa yobudedeng­u babaholi bayo. Siyethemba ukuthi kuzobethel­wa izikhonkwa­ne zaphakade ukuze bungapheli ubudlelwan­o beSABC neFootball Associatio­n yase-England.

Sibuncoma kakhulu ubuholi beSABC ngokuhlang­anisa lesi sivumelwan­o. Mhlawumbe umphakathi usuzokhuth­ala ukukhokhel­a amalayisen­si kamabonaku­de ngoba ubungasibo­ni isidingo njengoba imidlalo iboniswa ngemuva kwesikhath­i yize isuke ivezwa bukhoma kwiSuperSp­ort TV.

Okufanele abantu bakuqonde wukuthi iSABC ngeke ikhokhe ngisho indibilish­i ngokusakaz­a le midlalo yaseEnglan­d, izonikwa mahhala unyaka wonke ukuba iyisakaze bukhoma.

Bekungaba kuhle ukuba nosopoliti­ki bathi ukuma ukugxambuk­ela kwaSABC...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa