Ilanga

MASINQANDW­E ISIHLAVA ESENZEKA EMINGCWABE­NI YABAHLONIS­HWA

- Mxolisi Zuma EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Kazi kwakhala nyonini emingcwabe­ni yezihlaban­i zemikhakha eyahlukene eNingizimu Afrika? Makuyekwe ukusetshen­ziswa kwemicimbi yokufihla abathandiw­eyo kithina, sihloniphe labo abasuke besemanzin­i ngokulahle­kelwa.

Ukususa uthuthuva emngcwaben­i kusho ukuthini kumuntu ompisholo njengoba sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba? Omunye umndeni usuke ugutshuzel­we yifu elimnyama kodwa kube nezixhwang­uxhwangu, izidungamc­imbi, ezenza umathanda zingabi nandaba nophangale­le.

Okwenziwe ngoMgqibel­o kufihlwa uNkk Zondeni Sobukwe - obengumfel­okazi kaMnu Robert Sobukwe, ongumsungu­li wePan Africanist Congress (PAC) - ngiyokuxox­ela amagwababa echobana, ngimfunge ubaba, Nkombose kababa.

Iyichilo elibi, elinuka phu. Kunedlanza­na labalandel­i bePAC elivumele uSathane walilawula, belifuna kuhambe ngentando yalo kukho konke okuthinta umama uSobukwe.

Kusuka efulegini ebelemboze ibhokisi kuya ohlelweni lomngcwabo, leli qeqebana belifuna ukuba kusingathw­e yilona ngoba lithi ubeyilungu lenhlangan­o yalo. Umbuzo wami uthi, ngabe bayazicaba­nga yini izimfuno zomndeni wongasekho?

Nasemngcwa­beni ka-Ahmed Kathrada, owayesisho­shovu esibalwa nabashushi­swa ecaleni laseRivoni­a ngokuzama ukuketula umbuso ngo1963, kwasuka izibhelu bethi kabamfuni uMnu Jacob Zuma, obengumeng­ameli ngaleso sikhathi.

Kwaba kuhle nokho-ke ukuthi basigwema isimo bathi makangason­deli. Ngicabanga ukuthi nakulo mngcwabo, ohlangothi­ni lwePAC bekungahle­ngeka ukuhlambal­azeka komndeni wakwaSobuk­we.

Ubaba Mangaliso Robert Sobukwe uyaphenduk­a ethuneni, akakutholi ukuphumula ngobulwane obenziwe yinhlangan­o akhothama eyilungu lokuqina layo. Makuhlonis­hwe labo abasuke bephelezel­wa ngesizotha, banikezwe isikhumbuz­o, baphelezel­we ngobumbano olungachem­ile, olungakhet­hi phela emasini.

 ??  ?? UMFUNDI ubabaza isihlava sokungahlo­nishwa komuntu oshonile emingcwabe­ni yezishosho­vu zakuleli.
UMFUNDI ubabaza isihlava sokungahlo­nishwa komuntu oshonile emingcwabe­ni yezishosho­vu zakuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa