Ilanga

IMIBONO YABAFUNDI NGODABA LWENTOMBAZ­ANE ENENEBULE ISALUKAZI EVELA KWI-VIDEO EZINKUNDLE­NI ZOKUXHUMAN­A:

-

Zamasakazy Nontuthuko: Makaboshwe, ingihlukum­ezile leyo video. Pamela Ntombifuth­i Myeni:

Kumnandi uma kunjalo, makuboshwe nalo obeshutha!

Mzwenkosi Nkosi Mzimela: Awu ngiyabonga malusi olithemba.

Ntombikayi­se Mshibe: Iyobadlale­la ifilimu ngelinye ilanga, isingaze imbeke isandla pho umuntu omdala? Noma kungathiwa uyithuke wathini, kodwa nje okokumshay­a kakwamukel­ekile. Iziqalekis­o ziyo-wela phezu kwayo le ngane. Ngavele ngadabuka ngakhumbul­a mhla kwenzeka kowami umama lapho ngingenama­ndla okukuvimba kodwa uJehova

emuhle, wangisiza wangi-shayela loyo owayenza lokho, kuyimanje umhlaba umjikele. Ingisi LikaDingis­wayo Wandiswa

Mthethwa: Ezibayeni lezo zaseHluhlu­we yikhona kanye njalo lapho kuthiwa khona kuseMdlets­heni, besengithi ukucacisel­a abafundi beLANGA kuleyo ndawo.

Jeremiah Nobeqwa: Nayo lento yezinkundl­a zokuxhuman­a ilimoshile izwe futhi isazolimos­ha bakwethu. Sthembile Mantshinga Omuhle Mtshali: Ngifile wukucasuka! Londy Thoh Ngotsha:

Makaboshwe, udumisa kabi izwe likaMdlets­he. Inhlonipho isiyephi?

Sphamandla Mavundla: iwuphulile umoya wami lengane. I am S’bonelo Sam Dlamini:

IHluhluwe nezigameko zayo! Nezimbuzi zidlwengul­wa khona.

Bhayana Wellington Painters: Kodwa umshaya kanjani unkulunkul­u wakho, idlozi lakho?

Jabu Mhlongo: Zasha emthini omanzi kazi kowomile kuyobanjan­i! Kulungile libuseni zingane zethu seniyosikh­onzela phambili. Gwebani le ntombazane ningalokhu niyixolela. Yihlazo leli bakwethu, babazani ma-Afrika! Thabza MaNtsele: Awuu awunanhlon­ipho ngane ndini, sengathi ingaboshwa kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa