LABA BAFUNDI AWUBAFANELE USHWELE
KUNOMKHANKASO oqhubekayo ezweni, wokufaka ingcindezi kuMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba axolele izitshudeni zamanyuvesi ezibhekene namacala okushaya abantu nokucekela phansi impahla yomphakathi.
Ezinye zalezi zitshudeni bezihola umzabalazo wabafundi wemfundo yamahhala, owaziwa nge#FeesMustFall.
Esinye sazo, uMnu Mcebo Dlamini, sibhekene namacala okuphehla udlame emphakathini, ukucekela phansi impahla nokuba kuleli ngaphandle kwemvume njengoba edabuka eSwazini.
UMnu Dlamini uqhakambise umkhankaso wakhe ngokuhamba ngezinyawo amakhilomitha abalelwa ku-60, esuka eGoli elibangise emahhovisi kamengameli ePretoria.
Inhloso yakhe nabanye adlela- na nabo, wukuqhinqa ngaphandle kwezindlu zombuso, i-Union Buildings, ePretoria, kuze kube uMnu Ramaphosa uyawasula amacala abo, abazithethelela ngokuthi bawenza ngoba belwela imfundo yamahhala.
Ngamanye amazwi, basho ukuthi amacala okuhlukumeza nokushaya izisebenzi zamanyuvesi nezinye izitshudeni ezazifuna ukuqhubeka nezifundo zazo ngesikhathi sezinxushunxushu, wukulimaza impahla yomphakathi kwadaleka umonakalo wezindleko zibalelwa ku-R100 million, okuyimali yabakhokhi bentela, kufanele kubekwe eceleni, banikwe ushwele kamengameli?
Kuyiqiniso ukuthi umengameli unalo ilungelo ngokomthetho, ngaphansi kwemibandela ethile, ukuxolela abantu abatholwa benecala yizinkantolo.
Inkinga ngesicelo salezi zishoshovu wukuthi naphezu kokuba bezinalo ilungelo ngaphansi kwemithetho yezwe ukubhikisha ngokuthula, ziqome ukwephula umthetho ngokusebenzisa udlame ukufeza izinhloso zazo.
Leli lizwe ligutshezelwe yifu lokungabuseki, lapho cishe zonke izinsuku ababhikishi besebenzisa udlame, bavale imigwaqo yomphakathi, bashaye nabantu abafuna ukuqhubeka nempilo, abangayingeni eyokubhikisha.
Seliphenduke izwe lemibhikisho nodlame, okuyizimo eseziyingxenye yempilo yethu yemihla ngemihla.
Nezikhungo zemfundo sezihlaselwe yilesi sihlava semibhikisho ehambisana nodlame nokulimaza impahla yomphakathi.
Ngeledlule nje, kuqubuke uthuthuva eTshwane University of Technology kungqubuzana abafundi okhethweni lwezikhundla zomkhandlu wabafundi, kwafa omunye wabafundi okuthiwa ushone emuva kokungenelela kwamaphoyisa eyonqanda udlame.
Ngaphansi kwesimo sokungabuseki kwezwe, lapho kufanele ngabe umthetho uyaqina, ngeke kube yisinyathelo esiphusile ukuba uMengameli Ramaphosa anike abantu abephula amalungelo abanye ngokubashaya, ukwesabisa ngodlame nokulimaza impahla yomphakathi, ushwele.
Empeleni kufanele ngabe yena nohulumeni wakhe baqinisa amabhawodi kulabo abephula imithetho yezwe.
Ukunika lezi zitshudeni ushwele, kungakhuthaza nezinye izephulamthetho ukuba ziqhubeke zigcweleze umphakathi, ngethe- mba lokuthi ngeke zithelwe ngamaconsi abanzi ngezenzo zazo.
Laba bafundi kawubafanele ushwele, kodwa umthetho kufanele uqhubeke, udaba lwabo lusingathwe njengolweziphulamthetho.
Ngeke kubuye ukuthula nozinzo ezweni nasezikhungweni zemfundo ephakeme uma abafundi abenza ubegebengu bengashushiswa, bajeze njengazo zonke izigebengu ezephula umthetho.
UMengameli Ramaphosa makangavumi ukugoba uphondo, axolele laba bafundi ngenxa yokufakwa ingcindezi yidlanzana labantu elinekhono lokubanga umsindo ngoba lifuna kwenziwe intando yalo.
Kufanele abe nesibindi sokuthi cha, sekwanele manje!