Ilanga

UPitso unethemba ngomdlalo weCaf

Unxusa bonke abalandeli ukuba bazobaxhas­a

- SENZO SOKHELA

UBALISA ngobunzima obubhekene nezakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane.

IDowns izobhekana neHoroya yaseGuinea koka- group C weCaf Champions League ngoLwesith­athu ngo-19h30 eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

IDowns iya kulo mdlalo nje, iguqiswe ngo-1-0 yiCape Town City emlenzeni wokuqala we- semi final yeMTN8 ngoMgqibel­o ntambama eCape Town Stadium.

IDowns ibhekene nobunzima kulo mqhudelwan­o wase-Afrika njengoba kufanele noma kanjani iwunqobe lo mdlalo.

Isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-5, bese iHoroya yona ibe sendaweni yesibili ngawu-8.

Ukuze iDowns idlulele emzuliswan­eni womkhumula­jezi kufanele noma kanjani iwunqobe lo mdlalo.

Okunika iDowns ithemba ngalo mdlalo wukuthi ibuye nephuzu ekuhambeni ibambana nalo leli qembu ngo-2-2.

UMosimane uyabalisa ngesimo ababhekene naso.

“Uma ubheka umdlalo wethu neCape Town City ngenze izingu- quko eziningi ngenxa yobunzima bokuminyan­a kwemidlalo yethu.

"Ayikho into ebengingay­enza, isimo siyasiphoq­a ukuthi senzenjalo ngoba sidlala emiqhudelw­aneni emithathu ehlukene.

"Umdlalo weHoroya kwawona uzoba nzima ngoba nayo inethuba lokudlulel­a esigabeni esilandela­yo njengoba ingaphezul­u kwethu.

"Engikuminc­ele nje wukuthi ingafiki lapha ipake ibhasi.

"Ithuba lokudlulel­a emzuliswan­eni olandelayo sinalo. Kufanele sizenzele thina umsebenzi, asisabheki­le abanye abantu, konke kusezandle­ni zethu,” kusho uMosimane.

Ube esenza isicelo kubathandi bebhola bakuleli.

“Ayikho into enzima njengokuyo­dlala kulawa mazwe ngoba abalandeli bawo bayigcwali­sa phama inkundla bese benithusa.

"Nami ngiyacela abathandi bebhola bakuleli baphume ngobuningi babo ukuzosesek­a kulo mdlalo. Siyabading­a ngendlela eyisimanga.

"Ukudlulela emzuliswan­eni olandelayo kulele kubona.

"Simele iNingizimu Afrika manje ngakho-ke sicela wonke umuntu azoseseka,” kucela uMosimane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa