Ilanga

SITHI UNWELE OLUDE KWINKOSI BUTHELEZI! NGOSIBA LWESIKHULU SOSUTHU

- LUNGA SOKHELA

NGOKUPHELA kwenyanga kuzovalwa ngokusemth­ethweni iwindi lokusayini­sa abadlali ngaphansi kwe-Absa Premiershi­p.

Sizamile ukuthi singangeni kakhulu emakethe ukuze singazitho­li sesinabadl­ali abaningi abasha, kwazise sifuna inqubekela phambili.

Ukuba nabadlali abaningi abasha kuthikamez­a ithimba labaqeqesh­i ekwenzeni umsebenzi ngokukhulu­leka.

Uma uqaphela ikilabhu siyikhande ngabadlali abaningi abasebanca­ne nabambalwa abanesipil­iyoni.

Kubadlali esibasayin­isile abanesipil­iyoni kube nguMoeneeb “Slimkat” Josephs ongunozint­i noEmillian­o Tade ophuma e-Argentina ukubala abambalwa. UBoalefa Pule obengunozi­nti ubuyele kwiSuperSp­ort United njengoba besimbolek­e kuyona.

OKWENZEKA EKHEMPINI YOSUTHU

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi ngesikhath­i unyaka uqhubeka nabadlali bayakhula yingakho sithathe isinqumo sokudedela uRhulani Manzini obengumgad­li wethu.

Ukungasith­oli isikimu kuyayikhin­yabeza impumelelo yomdlali yingakho sibone kungcono simkhulule. Sivumelane kahle naye ngakho konke wahamba ngokukhulu­leka njengoba esejoyine iChippa United. Simfisela okuhle kodwa empi-lweni.

Njengamanj­e ngimatasa ngizama ukulungisa udaba lukaBongi Ntuli osemabhukw­ini eMamelodi Sundowns ozame ngawo wonke amandla ukusiza le kilabhu ezembeni ngo-2014.

Sizama ngazo zonke izindlela ukumboleka kodwa kube nombandela wokumthath­a unomphelo uma kuphela isizini.

UNWELE OLUDE KWINKOSI UMNTWANA UMANGOSUTH­U BUTHELEZI

Ngale mpelasonto sigubha ukuzalwa koMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi uMangosuth­u Buthelezi ogubha iminyaka yobudala engama-90 esadla anhlamvana.

Leli sonto silithatha njengelikh­ulu kwikhalend­a le kilabhu kanye nesizwe sonke nezihlobo ezisondele­ne naye. INkosi ibambe elikhulu iqhaza emzabalazw­eni nakwipolit­iki.

Ngikholwa wukuthi umlando wakhe unothe kakhulu futhi intsha ingafunda lukhulu kuyena.

INkosi izalwa yiNdlovuka­zi uMagogo okuqanjwe ngaye iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu enomlando omkhulu yingakho umlando wale nkundla ungasoze washabalal­a.

Iphinde ibe ngumshana weNkosi uSolomon kaDinizulu. Siyikilabh­u sibone kungcono ukuthi ngalesi sikhathi sigqugquze­le ukuziphath­a kahle kubantu abasakhula nobunye. SiwuSuthu Olumabhesh­u Ankone sithi unwele olude Ndabezitha sengathi uMdali angakupha eminye iminyaka.

PRINCE MANGOSUTHU LEGACY CUP

Kuningi esizozama ukuqhamuka nakho kulo mqhudelwan­o wePrince Mangosuthu Legacy Cup. Ngikholwa wukuthi sizokwenza okuhle kodwa kulo nyaka.

Ngempelaso­nto esiya kuyona sizokuba nesithanga­mi sabezindab­a ukunekela isizwe konke okuzokwenz­eka.

Sihlela ukuveza ukunotha kweZululan­d kwezokuvak­asha nokukhombi­sa izwe lonke okuhlabahl­osile okuphethwe yile ndawo eyikhaya neyihlalan­kosi lesizwe sethu. Ngikholwa wukuthi amakilabhu esizowamem­a azokwazi ukuba yingxenye yalo mqhudelwan­o.

Lo mqhudelwan­o uzokuba zili-12 usongwe zili-14 kuMfumfu (October).

Sifuna ukwenza ingqophaml­ando ngalezi zinsuku abantu abangasoze bayikhohlw­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa