Behlukile o- denim belebuli i-Elppag
LIKHULA ngesivinini iciko leze- fashion ebelethula imisiko eyindidiyela ye- leather ne- denim jean ebizwa nge-Jean and Leather Tonic, ngoLwesihlanu, eBat Centre.
UDumisani Kweyama welebuli i-Elppag, okuyigama elithi “God’s Apple” kodwa elifinyeziwe laphinde laphendukezelwa - ukitaze emanonini abathandi bemisiko eyehlukile futhi edonsa amehlo ngezingubo zakhe ezithungwe ngesandla zididiyelwe nge- leather nedenim. Akazibizi nge- fashion designer kodwa nge- fashion artist.
Phakathi kwemisiko ebibukiswa bekungamajakhethi athintathintwe sakuhlobisa ngopende, amanye egabise ngezicucu ze- leather lapha nalaphaya. Bekukhona nezingubo, yizicathulo ngisho nezikhwama ze- laptop ezakhiwe ngesikhumba.
Kubathandi be- fashion, le lebuli izibeke ezingeni elihlonishwayo futhi elethenjwayo emkhakheni wemfashini ikakhulukazi kulabo abazifelayo ngama- denim angesibona osandanezwe.
UDumisani utshele ILANGA ukuthi lo msebenzi akawuyelanga esikoleni kodwa wawufunda kumkhulu wakhe owayengumthungi esebenzisa isikhumba.
“Kunesikhathi lapho engangingakwazi ngisho ukuyodlala umkhulu engibambe phansi ngomsebenzi. Nganginganakile ukuthi kunembewu yekusasa ayitshalayo kimina,” kusho yena.
Uthe kube buhlungu kudlula umkhulu wakhe emhlabeni ngo2003 ekubeni engakayiboni imiphumela emihle yemfundiso yakhe.
“Ngo-2012, emuva kweminyaka engu-9 umkhulu adlula emhlabeni, ngibe sengiqala ukuhlakula le ndima ukuze izothela izithelo, kwaba wukuqala kanjalo kwami ukungena ebhizinisini.
“Ngibe sengithatha isinqumo sokuza eThekwini ngenxa yokuthi ngangifisa indawo epholile ezokwazi ukungenza ngigxile kwengangifisa ukukwenza. Ngiqale lapho-ke ukukhula ngebhizinisi,” kusho uDumisani. Uthi yize i- denim iqhubeka
ngokuba yintandokazi yendwangu kodwa ubone kunesikhala esikhulu - ikakhulukazi uma ubuka indlela abantu baseNingizimu Afrika abagqoka ngayo nangendlela imizimba yabo eyakheke ngakhona.
“Abantu abaningi bayayithanda i- denim kodwa alukho uhlobo lomsiko olungena khaxa endleleni ehambisana nathi. Ngiqale lapho-ke ukwenza imisiko exube ne- leather ngiqinisekisa ukuthi kayikalelwe sikhathi futhi ilungele
noma yisiphi isikhathi sonyaka,” kusho yena.
Uthe i- material ayisebenzisayo yezindwangu nesikhumba uyithenga kubadayisi bendawo. UDumisani uzoba yingxenye yamadesigner azobe ebukisa kwi- Africa Fashion Exchange ezoba seGreyville Convention Centre kusuka zingama-27 -29 September.
ILANGA libuye lahabula komunye obehambele lo mbukiso i-Jean and Leather Tonic, ukuthi i-Elppag isinamakhasime-nde asuka eJapan kuye kuyoshaya eGermany.
OKUNYE NGAYE:
Uzalelwe eSoweto, eGoli. Uyise ungowaseMkhomazi, eSouth Coast. Ufunde imfundo ephakeme eDurban University of Technology enza izifundo zeCorporate Gorvenance and Administration aziqedele eWits University, eGoli. Akakufundelanga ukuba yifashion artist kodwa yithalente elimbeke kuleli zinga akulona manje.