Iphoyisa lidutshulwe lafa lisemzini walo

Abasolwa bashaye bachitha ngezinyawo

Ilanga - - Izindaba - NTOMBI KHUMALO

USASHAQEKILE umndeni wephoyisa elibulawe ngentululwane yezinhlamvu ngaphandle komuzi walo KwaNdengezi, ngoLwesibili kusihlwa.

UWarrant Officer Bhekisigcino Zethembe Khwela (54), obesebenza esiteshini samaphoyisa esiseMarianridge, eMariannhill, ubulawe ngabasolwa ababili abangaziwa ephelezela indodana yakhe nomngani wayo abebemvakashele kwakhe.

Ngokusho kukamfowabo kamufi, uMnu Wise Khwela (60), umnawabo wehlelwe yilesi sigameko engalindele, kwazise bese kunesikhathi ebuyile emsebenzini futhi engasiphethe isibhamu. “Bekuyizithuba zantambama kufika indodana yakhe nomngani wayo esebenza naye ebhizinisini lamatekisi.

"Ngokuvamile baye badlule kwakhe umfowethu beyoxoxa kancane ngaphambi kokuba badlulele ekhaya elikhulu eli- khona lapha KwaNdengezi, okuyilapho ihlala khona indodana.

"Emuva kokuhlala isikhashana, uphumile ebaphelezela behamba bencokola. Ume ngaphandle kwesango ngesikhathi indodana yakhe nomngani wayo bebheke ematekisini abebehamba ngawo, abepake ngaphandle komuzi.

"Yilapho-ke abezwe khona kuqhuma inganono, okuthe uma beqalaza babona ukuthi ibidubula ibhekise ngakuye umfowethu. Baphuthumile baya kuyena. Indodana yakhe nayo idubulekile ngaso leso sikhathi kodwa yona yasinda.

Uye wawa umfowethu, okuthe uma bemnyakazisa waphangalala emuva kwesikhashana,” kuchaza uMnu Khwela. Uthi izigilamkhuba zibaleke ngezinyawo. Usola ukuthi bezicashe ngamatekisi abehamba indodana kamufi nomngani wayo ngoba ngesikhathi bephuma ngaphandle kwesango akukho sithunzi abasibonile.

Uthe nakuba umndeni usebhizinisini lamatekisi, kodwa kabakholwa ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nodlame lwasematekisini.

“Umfowethu ubeyiphoyisa ebelisebenza ngokuzinikela nangokuzikhandla, ubengayingeni indaba yasematekisini nakuba azi ukuthi indodana yakhe nami sikulona. Kasikholwa wukuthi ukufa kwakhe kuhlobene nodlame lwasematekisini kwazise bekungesiyona into azisondeza kuyona,” kusho uMnu Khwela.

Uthi bafe olwembiza kwazise akukapheli ngisho inyanga kade bengcwaba unina. Umufi ushiye abantwana abane nenkosikazi nayo eyiphoyisa esiteshini sasePinetown.

Umkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole, ukugxekile ukubulawa kwamaphoyisa emuva kokubulawa kukaW/O Khwela noCapt Lumkile Wiseman Tyibilika naye obulawe ngoLwesibili eNew Brighton, e-Eastern Cape.

Uthe imbangela yezigameko zombili kayikakaziwa, izophenywa yithimba lamaphoyisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.