BAQASHWE NGELOKHOZI

Ilanga - - Izindaba - MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUTSHALWE amaphoyisa esikoleni sezinkinga, iMashiyamahle High School, eNdwedwe, ukuba agade isimo njengoba umatikuletsheni usuqalile ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka njengoba umphakathi wesabise ngokuphazamisa kwasani uma engabuyiswa uthishanhloko wakhona omisiwe.

Uthishanhloko, uMnu Mthembeni Ntanzi, umiswe ngenyanga eyedlule.

Ngokuthola kweLANGA, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ufake amaphoyisa ukuba aqaphe isimo kuze kuphothulwe ukubhala mhla ka-28 kuLwezi (November).

Ngeledlule uMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe Mthandeni Dlungwana, utshele ILANGA ukuthi abafundi bazofunelwa enye indawo yokubhalela eyimfihlo, nokho lokho kakubange kusenzeka.

Umthombo weLANGA uthi amaphoyisa afika ekuseni aphinde aphelezele iphepha uma sekuphothuliwe.

“Nakuba bekhona abazali abafikile esikoleni ngoMsombuluko nangoLwesibili, baqhinqa ngaphandle kwamasango - ngoba amaphoyisa kawafuni lutho olusondela esikoleni - akukho okuphazamise ukubhala kwabafundi,” kusho umthombo.

Kuthiwa umnyango ujube nezisebenzi zawo eziqhamuka ngaphandle kwesikole ukuba ziyohlola uhlelo lokubhala kwabafundi kulesi sikole.

UMnu Mthethwa uthe abafundi bebezothuthwa ukuba isimo besiqhubeka nokungadambi.

“Sitholile ukuthi abafundi bayafuna ukubhala kodwa kunalabo bazali abafuna ukuphazamisa. Umnyango unqume ukuthumela amaphoyisa ukuze babhale kahle abantwana,” kusho uMnu Mthethwa.

Izinkinga zaseMashiyamahle ziqale ngo-2014 ngesikhathi kubanjelwa abafundi bakamatikuletsheni imiphumela yokuphela konyaka ngoba besolwa ngokukopela iPhysical Sciences, iLife Sciences, i-Accounting neMathematics.

Kudingeke ukuba baphenywe abafundi banikezwa ithuba lesibili lokubhala izichibiyelo ngonyaka olandelayo.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi sebebhalile okwesibili, kwaya izikhulu zomnyango esikoleni ziyokwenza uphenyo lwesibili, zahlangabezana nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili kwazise abafundi bavele bavuka umbhejazane baphihliza izimoto zazo ngamatshe, ezinye zashiswa.

Lezi zikhulu zigcine sezikhishwa ngopotsho emuva kwamakilasi. NgoNcwaba, (August) nonyaka, iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enoch Nzama, inikele kulesi sikole ithi iyonikeza abafundi le miphumela yango2014 isihlanganiswe namaphuzu ezichibiyelo.

Abafundi bashaye phansi ngonyawo bathi kabayifuni uma isihlanganiswe nezichibiyelo. Ngenyanga edlule umnyango ukhiphe incwadi emisa uthishanhloko ngecala lokuthi nguyena ophazamisa ukusebenza kwawo nesikole.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

UMnu Bhekani Mthethwa echazela uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnu Mthandeni Dlungwana, ngokulimala kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.