I-TOP 3 YE-IDOLS SA IZOYA EDUBAI

Ilanga - - Izindaba - LUCKY CAIN

SELIDUMELA emasumpeni emncintiswaneni we-Idols SA, kwazise liphinde lagawula izembe izolo ngeSonto eState Theatre, ePretoria.

Lo mncintiswano ungene esigabeni se- top 4 izolo ngemuva kokuphuma kukaNiyaaz. Abangenele okubalwa kubo uThato, uThando, uYanga noKing B, bathole ithuba eliyingqayizivele lokucula neqembu lodumo, iSoweto Gospel Choir. Bonke bashaye into ecokeme njengoba beveze olunye uhlangothi ngabo becula amaculo e- gospel.

UKing B ucule ingoma kaLebo Sekgobela ethi “Lion Of Judah.” Ushiye abantu bedinda isililo njengoba eyicule ngendlela yakhe, nejaji u-Unathi ngomunye wabachiphizile. Abantu baphinde babusiswa nguRebecca Malope ovule ngengoma ethi “Moya Wam” wadlala nethi “I Am Somewhere”. Kuleli sonto kulindeke ukuthi abazonandisa bacule nabaculi abazakhele udumo kuwona lo mncintiswano, okubalwa kubo uKhaya Mthethwa, uKarabo Mogane, uMmatema Moremi no-Amanda Black.

Abazodlulela esigabeni se- top 3 bazothola ithuba elingandele bani njengoba bezolibangisa eDubai. Sekusele amasonto ambalwa ngaphambi kokuba ama-Idols afinyelele kowamanqamu. Ozodla umhlanganiso kulindeleke ukuba ahlomule ngemiklomelo engaphezulu kwesigidi samarandi. Ukuvota kuvalwa kusasa ngoLwesibili kusihlwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.