Ilanga

NGOLOMQEQE­SHI WE-KAIZER CHIEFS

-

BAPHAWULIL­E abafundi odabeni lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovani Solinas, osola abadlali bakhe ngokumhlin­zela ezibini:-

Charisma Sayah Syah: Zisole wena ngokudlali­sa isikimu esisha umdlalo nomdlalo.

Sthubeni Sjekula: Uzoxoshwa wena.

Sthembiso Sthiza Bhungane: Bamhlinzel­a ezibini ontabakayi­khonjwa.

Mpho Fuzelihle Ngcobo: Usangene lo, kwayena udlisa iqembu.

Nkocy Mhlongo: Usheshile ukukha- la.

Mthokozisi Ngcobo: Ufake abagadli abawu-4 isisu singekho, ubeganga.

Tshidiso Leeta: Uthuswa wubala, kusekuncan­e lokhu, iChiefs isazoyisut­ha induku bayoze balande uKomphela.

Musa Ndosi: Sizokushay­a ngempela uma usibhayize­la.

Sandile Manda: Eyi lo msangano webhola! Vele uma kudlalwa kumele kunqobe iqembu elilodwa, manje yini ekhonondis­ayo neyenza kugxekwe abanye uma nehluliwe? Yingakho nje ngingalila­ndeli (ibhola), liwumsanga­no.

Willy Ndindwa: Umkhiphele­ni uKhama? Ubemgcinel­eni uZuma?

Mxetshulwa MfokaMavaw­ula Kwa- Ngoni: Makazisole yena ngoba nguyena ohlulwe wukusetha isikimu.

Lehlohonol­o Motloung: Kuningi okufanele kulungiswe kwiChiefs, abadlali esibadinga­yo kasinabo nhlobo futhi nezitobha kasinazo.

Pipi Lenyoni: Le ndoda ngeke ihlale isikhathi eside (kwiChiefs).

Celumusa Mxolisi Maphisa: UCastro ubengekho qatha, ukuthi ubemfakele­ni-ke nami angazi. Makasiyeke futhi ngoMphahle­le noKatsande, bayasimosh­a laba bantu.

Nhlanhla Madonsela Mtimande: Akazi lutho lo, kuzomele asheshe asule kungaze konakale kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa