UHAMBO LWAKHE KWEZEMFUNDO

Ilanga - - Izindaba - Bonginkosi@ilanganews.co.za

Waqala imfundo yamabanga aphansi eThokoza Primary School, wadlulela eGermiston Secondary. Waqedela imfundo yamabanga aphezulu eNanda Seminary, eNanda.

Wafundela ubuthishela e-Evangelical Teacher Training College, eVryheid, lapho aphasa khona iTeacher’s Diploma, wadlulela e-University of Swaziland lapho athola khona iCertificate in Primary Education.

Emuva kwalokho waya e-University of Birmingham, e-England, lapho wenza khona iziqu ze-Bachelor of Education. Wabuye wafundela ukuhlela izimbali zokuhlobisa nokubhaka amakhekhe eCollege of Food and Technology, khona eBirmingham.

Wadlulela eMseleni khona eMkhanyakude lapho efundise khona iminyaka ewu-7. Emuva kwalokho weqa umngcele walibangisa eSwaziland lapho wafike wafundisa eSt Paul Methodist School iminyaka emithathu.

Wagcina esefundisa eWilliam Pitcher Teacher Training College khona eSwaziland, lapho wasebenza khona iminyaka ewu-12.

UMnu Mkhwanazi wake waba yilungu le-APLA - okuwumbutho wezempi wePAC futhi wabamba iqhaza ezingxoxweni zeCodesa.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

KAWUBANGA nedumela umngcwabo wenkosikazi kaMnu Joe Mkhwanazi owayeyisishoshovu somzabalazo ngaphansi kwePAC, uNkk Nomusa Mkhwanazi.

ISITHOMBE NGABE: CITY PRESS

UNKK Zondeni Sobukwe osejoyinwe nguNkk Nomusa Mkhwanazi kwelamathongo owayenguzakwabo njengoba babegane abasunguli bePAC bobabili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.