GALAKAJANA
BENGIZIHLALELE emuva kwendlu, ngicashele umama wasekhaya ngesikhathi ngithola i- video kaNgqongqoshe Malusi Gigaba edlala ngobudoda bakhe. Ingene ngeWhatsApp kumakhalekhukhwini, ivela kowesifazane engingamjwayele nakahle, ngimazela kude nje ngoba sinokuxoxaxoxa uma kwenzekile yashayisana lapha nalaphaya.
Ngithe uma ngiyivula le video, ngethuke ngalahla umakhalekhukhwini phansi, ubungafunga ukuthi ngibone imamba uqobo lwayo.
Ngibuye ngawucosha ngayibhekisisa kahle le nto. Bengicashe emuva kwendlu nje, ngoba kangithandi ukuphuma ngeSonto kanti inkosikazi yona ibifuna siyothenga okushodayo endlini.
Njalo uma kumele kuyiwe ezitolo ingifuna indlu yonke, ize iyongibheka nangaphansi kwezihlahla eyadini. Phela kayikho indoda ejabulela ukuya ezitolo nomuntu wesifazane, kushona ilanga nehla nenyuka, ningena niphuma ezitolo sengathi kaniyazi into eniyifunayo.
Uthi ubuya kube sekudumbe nezinyawo, usunkenkethelwa nayikhanda ngenxa yokushiswa yilanga. Ukuya ezitolo nomuntu wesifazane kufana nokuya esontweni lapha kimi, kokubili kangizwani neze nakho.
Phela esontweni uhlala ebhentshini kuze kube muncu izinqe, umfundisi eshumayela into engapheli. Nalabo mama abathanda ukucula, bacula beculile sengathi kukhona obatshelile ukuthi ukucula kuyobangenisa ezulwini.
Abanye kabakwazi nokucula benjalo, bayahlabelela. Ngizibuze ngaziphendula ukuthi lona wesifazane ongithumele le video ubeqondeni, kanti yini lena azama ukuyisho kimi, engithumela umfanekiso wobudoda benye indoda!
Ngabe kukhona mina engingakutholi kahle?
Phela mina ngeke nje ngisuke ngithumele umfazi womuntu into enje. Ngingaqala ngaphi? Kungathiwa ngimhlukumeza ngokocansi, phezelezi sexual harassment. Ngikhethe ukuyicisha, ngi- qhubeke nokuchoba izintwala zami, ngethamele isigcaki.
Mahlayeni mahlayeni, nakhu sekungena omunye umlayezo, ngayo belu iWhatsApp. Ngithe ngiyabheka, yiyo futhi le video isivela komunye futhi umuntu wesifazane esijwayelene nokho naye, kodwa hhayi ngaleyo ndlela.
Ngizibuze ukuthi kanti laba bantu besifazane bangifunani ngempela. Ungathumela indoda into enayo, uthi ayenzeni ngayo?
Ngithe ngingena kwi- social media, ngathola bonke abantu bekhuluma ngale video sengathi bayaqala ukubona ubudoda bendoda. Noma-ke mhlawumbe laba bafazi abathumela le video kabakaze bawubone lo sayizi empilweni yabo.
Kuthe kungakapheli nehora elilodwa leli, bese ngithole imiyalezo eyishumi enale video, yonke iphuma kubantu besifazane.
Ngithe ake ngiyotshela umama wasekhaya ngale miyalezo, ngithi ukumvusela isikhwele kancane. Phela isikhwele kumele uhlale usivusa ukuze uqinise umuzi.
Uma umama wekhaya ekhululekile ngawe, uzogcina eselingwa yizinswelaboya lezi ezigcwele ngaphandle. Akekho phela umuntu ofuna umgodi onganukwanja. Ngithe uma ngimtshela umama wasekhaya ngale miyalezo nale video, wathi usethole izicelo eziningi kubangani nabantu asebenza nabo bembuza ukuthi unayo yini, bacela abathumele yona.
Uthe yena ubexakekile nje ukuthi bakhuluma ngani. Sezashintsha izikhathi ngoba phela sekujwayelekile ukwenzeka lokhu, abantu bazithwebula benqunu noma bathwebule izitho zangasese, bathumelane zona ngomakhalekhukhwini.
Sekushelwa kanjalo manje, ubusoka sebaphela. Umuntu usumane umhalise ngocabanga ukuthi uyakufuna, bese uma echazeka ngakubonayo, abe uyakuqoma njalo.
Nabesifazane abafuna amadoda, sebemane bathwebule ama- video betshikizisa izinqe, begqoke le misweswana okuthiwa amaG-string, bese beyifaka kwi- social media ukuze phela abahalayo baziveze, kujolwe kube mnandi.
“Usulungile ukuthi sihambe?” sekubuza umama wasekhaya. Bese ngikhohlwe nya ukuthi bengimcashele. Kwabe isibhajwa kanjalo-ke inkukhu ezintangeni.
Mhlawumbe laba bafazi kabakaze bawubone lo sayizi empilweni yabo.