Uzimisele ukuvikela eseSoweto Marathon

Ilanga - - Ezemidlalo - MZWAMANDLA ZONDI

U-IRVETTE van Zyl ( osesithombeni) uzimisele ngokuvikela isicoco sakhe se-Old Mutual Soweto Marathon yanonyaka ezokube ihlanganise ne-21km no-10km ngeSonto eSoweto.

Lo mjaho ungomunye wemikhulukazi ekhalendeni lezokugijima eNingizimu Afrika njengoba ukwazi ukuheha abasubathi abaningi bangaphandle kwakuleli.

Nakuba u-Irvette enengane enezinyanga ezintathu kodwa usefomini enhle kulezi zinsuku njengoba esanda kunqoba umlenze wesihlanu nowesithupha weSpar Women’s Challenge obuseMgungundlovu naseGoli ngokwahlukana.

Uphinde wadla ubhedu kwiCape Town Sanlam 10km. Unqobe neFNB Johannesburg 10km, wangena isithathu kwiFNB Durban 10km ngeledlule.

Ukuba kwakhe nesivinini, kwe- nza abe makhulu amathemba okuthi uzosivikela ngempumelelo isicoco sakhe kulo mjaho ongenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-25 000 uma kuhlanganiswa womathathu amabanga. Lo msubathi waqeda ishobolo leminyaka engu-9 abakuleli bagcina ukunqo- ba lo mjaho.

Ekhuluma naleli phephandaba u-Irvette, ukuqinisekisile ukuthi uzokuba yingxenye yeSoweto Marathon. Mayelana nokuvikela isicoco sakhe, uthi kunzima ukulibeka ngembaba elokuthi uzosivikela kodwa uzokulwela ukusigcina.

Omunye umsubathi obhekiwe nguMapaseka Makhanya waseSoweto ongene isibili ku-Irvette nyakenye. UMapaseka izinto zibukeka zingamhambeli kahle nonyaka njengoba egcine ukugijima emlenzeni wesithathu weSpar Women’s Challenge obungoNhlangulana (June) eThekwini.

Abesilisa bakuleli bagcina ukunqoba lo mjaho ngo-2011, ngemuva kwalokho kuzicanasela abangaphandle. Umsubathi wakuleli owagcina ukunqoba lo mjaho nguMichael Mazibuko. Ingqwele kwabesilisa nguTsepo Mathibelle waseLesotho osubathela iPhantane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.