BAPHONSELWE INSELELO ABADLALI BAMABHOKOBHOKO

Ilanga - - Ezemidlalo - NHLANHLA HUDLA

UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus ( osesithombeni) unxusa abadlali bakhe ukuba balibambe ngezandla zombili ithuba abanikezwa lona.

AmaBhokobhoko azovovana inkani ne-England koweCastle Lager Outgoing Tour ngoMgqibelo ngo-17h00 eTwickenham, e-England.

“Ngiyabethemba abadlali abakhona ukuthi bazozibonakalisa kwazise abadlala e-Europe bazokube bengekho kulo mdlalo okuzonika ithuba abakhona. Inhloso yethu wukuba sakhe iqembu eliqinile kuzona zonke izingxenye. Ukudlala neqembu eliqinile enkundleni ezokube igcwele phama kuzonika abadlali abangakaze badlale isipiliyoni,” kusho u-Erasmus.

Nokho lo mqeqeshi uyazi ukuthi ezakhe kuzomele zikhuphule amasokisi uma zizimisele ngokubuya nomphumela omuhle kuleliya lizwe. Sekungokwesine la maqembu ehlangana kulo nyaka kwazise elakuleli lanqoba ngo-2-1 kweye-test ebingoNhlangulana (June).

Umdlali wakuleli uDuane Vermeulen, uthi kuningi asebekufundile ngezitha njengoba sebed-

KUZOGUGA UTSHANI KOWE-WANDERERS NE-LADYSMITH UTD

KUZOGUGA utshani emdlalweni weHappy Wanderers neLadysmith United weSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League ngoMgqibelo ngo-15h00 eSouth Coast Academy, ePort Shepstone.

UMpho Maleka ololonga iWanderers, utshele leli phephandaba ukuthi uwubona uzokuba nzima kakhulu lo mdlalo kwazise useke waba nethuba lokuyibuka indlela ezigijima ngayo izitha zabo. Uthi bahlose ukwenza kahle kakhulu kule sizini njengoba belambele ukumela isifundazwe kweyokuhlunga. lale nazo amahlandla amaningana.

“Badlala kahle kakhulu, bayashesha kodwa nathi sesishintshe kakhulu kwekade siyikho, kuningi esikufundile engikholwa wukuthi kuzosisebenzela kulo mdlalo,” kusho uVermeulen osanda kwethulwa njengomdlali omusha weVodacom Blue Bulls njengo-

USimphiwe Hadebe ongumnikazi weLadysmith, uthe bazimisele ngokuqhubeka nomgqigqo wabo omuhle wokuqoqa amaphuzu kule sizini. Uthi okuhle wukuthi abadlali bakhe bagqugquzelekile okwenza bahlale benokuzethemba enkundleni.

Imiphumela yemidlalo yayizolo ngoLwesithathu yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe kanje: Milford 0, Wanderers 1; UMvoti 2, GWP 0 (kugingqiwe); Natal 1, Edendale 0; Rainham 2, Durban FC 1; Dynamos 1, Dabeka 0; Ashley 1, Ladysmith 1.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League engempela- ba ebedlala eJapan. Umdlalo olandelayo walolu chungechunge elakuleli lizowugijima neFrance ekuhambeni. Ukwenza kahle kwezika-Erasmus kuzokhuphula amathemba okuhamba ibanga elide emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ezokuba seJapan ngonyaka ozayo. sonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBELO EStanger High School: KwaDukuza FC vs Ashley United 15h00.

ESouth Coast Academy: Happy Wanderers vs Ladysmith United 15h00.

EWorkington Grounds: GWP Friends vs Maritzburg City 12h00.

EFNB Wadley: Edendale Juventus vs Milford FC 15h00.

E-SJ Smith: Durban FC vs UMvoti FC 15h00.

ESugar Ray Xulu: Dabeka Sporting vs Natal United 15h00.

EMkhomaas: X1 Experience vs Summerfield Dynamos 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.