Bacotshelelwe ulwazi ngezinto zesintu
Abafundi bathe sebezokwazi ukuhlukanisa okwesintu nokwasentshonalanga uma besiza abantu
KUQOPHEKE umlando emkhakheni wezokwelapha ngokwesintu izolo ngoLwesithathu izitshudeni zase-University of KwaZuluNatal, (UKZN), ezenza iHonours Degree in Sociology, zivakashela esigodlweni sikaSolwazi Velaphi "VVO" Mkhize ukuyothola kabanzi ngokusebenza kwezinto zesintu, nokukwazi ukuhlukanisa izinkinga zasentshonalanga nezesintu.
Lezi zitshudeni zifike kulesi sigodlo, esaziwa ngokuthi kuseMlambomunye, ziphelezelwa yiDeputy Vice Chancellor, uSolwazi Nhlanhla Mkhize noSolwazi Simangele Magwaza. Kungokokuqala ngqa ukuba abafundi abenza lezi zifundo bathole ithuba lokuhambela indawo efana nale ukuyocotshelelwa ngolwazi.
Ngaphambi kokuba uSolwazi Mkhize woMsamo Institute abathathe abakhombise isigodlo nokuthi kusetshenzwa kanjani, uqale wabapha umlando kabanzi ngempilo yakhe nokuthi ungubani, wabazekela nangezingqinamba adlule kuzona empilweni, engakakwemukeli ukuthi kumele asebenze ngabantu abadala.
Uthe ngesikhathi etshelwa ukuthi uhlaselwe yidlozi, kumele ayothwasa, uke wahlala phansi wazibuza ukuthi esefunde kangaka eyikazela ngeziqu, usezotshelwa ukuthi akushiye konke lokho ayokwelapha abantu!
Ngaleso sikhathi uthi ubebuswa wukuthi yinto yabantu abangafundile ukuthwasa. “Khona kwaba yinto enzima, kodwa ngagcina ngivumile ngenxa yokuthi izinto zase zingasangihambeli kahle, ngifundile nginjalo.
"Kwase kucaca ukuthi kukhona okushaya amanzi, ngadlelwa izimoto, umsebenzi ngiwuthole ngihlale isikhathi esincane ngixoshelwe into engekho nengingayazi," kusho yena.
Uthathe abafundi bakhonjiswa izindlu ezingoguqasithandaze asebenzela kuzona, wabachazela ngazo ngokwehlukana kwazo nokubaluleka kwazo. Bekwenzeka konke lokhu nje namathwasa abegqoke umfaniswano wawo oluhlaza - abekhona elekelela abafundi ngabadinga ukuchazelwa ngakho. USolwazi Mkhize ubebonakala ngisho ebusweni ukuthi uyaphuphuma yinjabulo.
“Uma uzobheka esikhathini samanje, osaziwayo bathwasa ngapha nangapha, okuyizinkomba zokuthi idlozi lifuna ukuziveza ngazo zonke izindlela ukuthi likhona.
"Lokhu okwenzeke namhlanje kuwumlando ozosiza imiphefumulo eminingi ngoba baningi abantu abafunde bagogoda kodwa abahleli emakhaya izinto zabo ezingaba- hambeli kahle. Sebehambe baze baba bafushane kodokotela basentshonalanga bengasizakali kanti izinto zabo zibanjwe yinto encane, umsamo,” kusho yena.
USolwazi Nhlanhla Mkhize utshele ILANGA ukuthi lokhu okwenzeke izolo kuyaqala futhi kubajabulise kakhulu ngoba bebehlale bebhekana nezinkinga ngabafundi uma sebeqede ukufunda. Uthi bekuye kubukeke sengathi kabanikwanga ulwazi olwanele kanti kushoda lolu okungolwesintu.
“Ukubaletha endaweni efana nalela senzela ukuba bakuqonde ukuthi kunezinkinga abazobhekana nazo uma sebesebenza, okumele bakuqonde ukuthi kusuke kungaseyona inkinga edinga ukulungiswa ngokwencwadi, kodwa isuke isidinga ukulungiswa ngokwemimoya.
"Baningi abafundi bethu obuthola ukuthi baze bakhale bazitshele ukuthi bahlulwa wumsebenzi noma wukusiza abantu, bazame ngayo yonke indlela, kodwa umuntu angasizakali ngenxa yokuthi kubambe into encane edinga ukulungiswa ngokwesintu.
"Sizimisele ukusebenza nabelaphi bendabuko abehlukene. Bakhona abanye esixoxa nabo ukuba sihambele izigodlo zabo,” kusho yena.
UBongiwe Mavimbela ongomunye wabafundi, uthe ufunde izinto abengenalwazi ngazo zesintu. Uthe ukuza kwabo lapha kuzobasiza noma sebegogodile ezifundweni zabo.