Ilanga

UTHISHA UBANGISWA ISIKHALA SOKUFUNDIS­A I- YIVOLONTIY­A

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUXABENE ubendle eNcandu Combined School, eNormandie­n Hope Farm, eNewcastle ngenxa yombango wesikhala sokufundis­a iMaths phakathi kothisha ababili okubikwa ukuthi basebenza esikhaleni soyedwa.

Ngokuthola kweLANGA, uthisha obefundisa iMaths kwaGrade 10, 11 no-12, uxinwe wukugula isikhathi eside waze wathola incwadi kadokotela ethi akasakulun­gele ukusebenza, wahamba esikoleni.

UMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al uqashe uthisha oyibamba, uNkz Nokukhanya Mvelase, oqale ukusebenza kulesi sikhala ngoNhlaba (May) kwaze kwaphela inkontilek­a yakhe mhla ka-28 kuMandulo (September) kuwona lo nyaka.

Kuthiwa emuva kokuphela kwenkontil­eka yakhe, kufike umhloli esikoleni wathi sesiyelulw­a isikhathi sezinkonti­leka kuze kube wunyaka ozayo kubona bonke othisha abangamaba­mba, okusho ukuthi sekuzoqash­wa uthisha ngokugcwel­e ngonyaka ozayo - kumele uNkz Mvelase aqhubeke nokusebenz­a.

Ngokuthola kwaleli phephandab­aba, uthishanhl­oko uziqashele owakhe uthisha oyivolonti­ya. Umthombo ongaphakat­hi kulesi sikole, uthi uNkz Mvelase ujika nesihlalo njengoba zonke izimfanelo zakhe zingavusel­eliwe, okwenze ukuba angaholi ngenyanga edlule.

“Njengoba sisebenza singothish­a, yena uyahlala ekubeni enikezwe ilungelo lokusebenz­a esikoleni. Okuxakayo futhi wukuthi lo thisha okhishwe ngoba egula, ugcine eselandwa kwathiwa makazohlal­a nje emagcekeni esikoleni ekubeni engasakulu­ngele ukusebenza.

"Kusize ukubhikish­a kwabanye othisha ngoba bese kucacile ukuthi bathathu manje othisha esikhundle­ni soyedwa ovumeleke ukufundisa iMaths,” kusho umthombo.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, kuvela ukuthi ngisho amaphepha eMaths okuhlolwa kwabafundi asethwe nguyena uthisha oyivolonti­ya, olandwe nguthishan­hloko.

Ilungu lesigungu esilawula isikole, uMnu Joseph Motaung, lithi bayalwazi lolu daba nezinkinga ezikhona esikoleni.

Litshele ILANGA ukuthi izinkinga zangaphaka­thi ezithinta othisha nokwabiwa komsebenzi ziqhelelen­e nabo.

UMnu Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe akekho uthisha oyivolonti­ya oholelwa emnyangwen­i. "Uhlelo lukathisha­nhloko nalowo okuthiwa umqashile kasilwazi.

"Uthisha owayeqashw­e yithina emnyangwen­i sicela asondele eduze kwethu nodaba lwakhe silusukume­le noma axhumane nehhovisi lethu ngaphansi kwesifunda iMajuba,” kusho uMnu Mthethwa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa