Ilanga

USHONELE EMLINDELWE­NI

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SIMUNCU isimo emndenini wakwaNtshi­za, KwaDabeka, emuva kokuba inkonzo yomlindelo izale enye ngesikhath­i kudutshulw­a kubulawa umshana wakhona kunomlinde­lo kaninalume okuthiwa ubulawe ngeledlule.

Kuthiwa umsolwa ugasele enkonzweni yomlindelo kaMnu Themba Ntshiza ngoLwesihl­anu wadubula amalungu amabili alo mndeni, okukhona kuwona uMnu Sizwe Dion Ngubane (23) oshonile.

UMnu Ntshiza ubengenelw­e ngabantu abangaziwa endlini yakhe, bavulela ngenhlamvu washonela khona lapho. Ngosuku lomlindelo, kuthiwa umufi nesinye isihlobo sakhe bebesanda kuphuma nje etendeni ngesikhath­i kuqhamuka umsolwa evulela ngenhlamvu ebhekise kubona.

Kuthiwa baphuthuny­iswe esibhedlel­a okuyilapho uSizwe eshonele khona kanti lona omunye kwembulwa kwembeswa kuyena esibhedlel­a.

UMnu Velo Ngubanem onguyise kamufi, uthi ugqemeke engeqiwa ntwala ngokubulaw­a kwendodana yakhe. Uthi yize engayazi imbangela yokudutshu­lwa kwayo, kodwa uyasola ukuthi kuhlobene nokubulawa kukaninalu­me (uMnu Ntshiza).

“Uma ngizwa, ngaphambi kokuba uninalume abulawe, uke wakhonjwa ngesibhamu ngomunye umfana endaweni ngoba ethi uyathakath­a. Uyile emaphoyise­ni eyobika kodwa watshelwa ukuba makaye kwiCommuni­ty Police Forum ngoba ubesolwa ngokuthaka­tha. Ukwenzile lokho kodwa ngalo lolo suku wangenelwa ngabantu abangaziwa esendlini yakhe bamdubula washona,” kusho yena.

Uthi unezinsolo zokuthi ababulali bendodana yakhe benze lokhu ngoba bezitshela ukuthi ibabonile ngesikhath­i bebulala uninalume.

“Yize ngisalinde uphenyo lwamaphoyi­sa, kodwa ngiyasola ukuthi abantu abenze lokhu bebezitshe­la ukuthi indodana yami ibabonile begila lo mkhuba. Ngikusho lokhu ngoba akukho okunye engingakuc­abanga obekungenz­a ibulawe ngosuku umndeni wayo usazilile futhi akekho ebixabene naye,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe amacala amabili, elokuzama ukubulala nelokubula­la.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UPHELE sekumuncu umlindelo kubulawa uSizwe Dion Ngubane emuva kokuba edutshulwe nelinye ilungu lomndeni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UPHELE sekumuncu umlindelo kubulawa uSizwe Dion Ngubane emuva kokuba edutshulwe nelinye ilungu lomndeni.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa