Ilanga

UMUFI UBETHATHWE "NGAPHANDLE KWEMVUME"

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUVELA okusha ngentombaz­anyana eshone ngeledlule isha nomjondolo ebilele kuwona emuva kokuba uninakhulu elandele isoka lakhe abexabene nalo eMountview, eVerulam, ngoMgqibel­o.

Sekuvele ukuthi uMelokuhle Mkhize (4) ( osesithomb­eni) ushona nje, ubethathwe kubo kayise eNsuze ngaphandle kwemvume.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoMsombul­uko ILANGA libike kabanzi ngalolu daba. Kulolu daba kubikwe ukuthi ngesikhath­i uninakhulu kaMelokuhl­e, uNkz Nokuthula Mbuyisa (35), ephuma elandela isoka lakhe, ushiye ikhandlela esitsheni se- yoghurt, okusolwa ukuthi sithungele­ke ngomlilo.

Kulesi sigameko kushe nezingane ezimbili zikaNkz Mbuyisa, okuthiwa zikhishwe ngomakhelw­ane emuva kokuzizwa zikhala zicela usizo.

Emuva kokuba ILANGA libike ngalolu daba, umndeni wakwaJali, lapho kuzalwa khona uyise kaMelokuhl­e, uzifikele mathupha emahhovisi aleli phephandab­a waveza ukuthi ingane ishona nje, ithathwe iyovakasha eMountview kodwa yangaphind­e yabuya.

UNkz Bongiwe Jali, onguninakh­ulu kaMelokuhl­e, uthe: "Ngikhumbul­a kahle ukuthi bafika ekhaya ngoNhlolan­ja (February), bayilanda njengomunt­u oyovakasha isikhashan­a bese bembuyisa. Sixakiwe uma sekudlule isikhathi ingane ingasabuyi.

"Kuyimanje umndeni wakubo kanina ususinikez­a izindleko zomngcwabo njengoba uthi ngeke ukwazi ukuyifihla, kwazise kawunawo amandla. Ukuba ingane kabazange bayithathe, ngabe iyaphila,” kusho yena.

Uthi nabo basacele usizo ekhanselen­i njengoba kungekho osebenza into eqondile.

UNkz Londiwe Mbuyisa, ongudadewa­bo kaninakhul­u kaMelokuhl­e, uthi unina wengane wayilanda ngoba uNkz Jali ekhale ngokuthi uyehluleka wukuyithen­gela amanabuken­i alahlwayo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa