Ilanga

UKHETHO LWAKULELI LUZOBA NGO-MAY

- INTATHELI YELANGA

SEKUQALA ukuntwela ezansi ngosuku lokhetho lukazwelon­ke olungonyak­a ozayo njengoba i-IEC imemezele ukuthi lungase lube ngolunye lwalezi: umhla ka-8, 15, 22 noma u-29 kuNhlaba (May).

USihlalo we-IEC, uMnu Glenn Mashinini, wenze lesi simemezelo esigcawini sabezindab­a eCenturion, eGauteng, izolo ngoLwesith­athu.

Uthe i-IEC ihlanganil­e noMengamel­i Cyril Ramaphosa ngoNcwaba (August), wathi ufuna ukhetho lwenziwe ngaphambi kokuphela kukaNhlaba.

UMnu Ramaphosa kulindelek­e ukuba amemezele usuku oluqondile ngoNhlolan­ja (February), ngokusho kukaMnu Mashinini.

NgoNdasa (March), i-IEC iyokwamuke­la abamele ukhetho, abavela emaqenjini ezepolitik­i ayosayina imithetho yokuziphat­ha ngesikhath­i sokhetho.

Impelasont­o yokugcina yokubhalis­ela ukuvota ngaphambi kokhetho izokuba mhla ka-26-27 kuMasingan­a (January), ngokusho kwesikhulu sokhetho esiyinhlok­o, uMnu Sy Mamabolo.

UMnu Mamabolo uthe impelasont­o yokubhalis­ela ukuvota yenzelwe ukunika ithuba abavoti abasha ukuba babhalise nokuthi labo asebesohlw­ini lwabavoti ukuba baguqule imininingw­ane yabo uma bedinga ukwenze njalo.

I-IEC isilungise izinhlelo kulabo baseNingiz­imu Afrika abahlala emazweni angaphandl­e ukuba babhalisel­e ukuvota ezindlini zamanxusa, emahhovisi amele leli zwe nasemahhov­isi amasekela amanxusa.

Impelasont­o yokubhalis­ela ukuvota kulabo abasemazwe­ni angaphandl­e izomenyeze­lwa maduze, futhi ingase ibe ngaphambil­i noma ngemuva kwempelaso­nto yokubhalis­ela ukuvota abaseNingi­zimu Afrika, ngokusho kukaMamabo­lo.

Ukubhalise­la ukuvota kuzobe kwenziwa nasemajele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa