Ilanga

UBONGE NELANGA UMFUNDI OYE PHESHEYA

- THANDEKA NGOBESE

KUTHINTEKE inhliziyo yomfundi weLANGA wasePort Shepstone ngodaba lomfundi oswele waseMaqhut­shani Secondary School KwaNyuswa, othole ithuba lokuya eGermany amasonto amabili kodwa obengenazo izimpahla zokugqoka nomakhulek­hukhwini abezowuseb­enzisa ukuxhumana nomndeni wakhe ngesikhath­i ephesheya.

USiyabonga Memela (20), owenza umatikulet­sheni kulesi sikole, ILANGA elike labika kabanzi ngosizi lwakhe lokuswela abezokugqo­ka ngesikhath­i eya eGermany, wathola umSamariya olungile, uMnu Nhlakaniph­o “Magu" Dlamini omthengele okokugqoka.

Ugcine emtholile omthengele umakhalekh­ukhwini, okunguNkz Zola Sikrweqe.

Ekhuluma neLANGA uNkz Sikrweqe, uthi lolu daba lukaSiyabo­nga lumthinte kakhulu ngoba ubona ukuhlakani­pha okuyisiman­ga kuye nokukhutha­lela imfundo ngoba ukuba ubengakhut­hele, ubengeke alithole leli thuba.

“Ngokusiza umuntu onjengaye, ngibone ngingalahl­i kodwa ngitshala imbewu ezoqhuma kusasa ngoba naye uzokwazi ukusiza abanye. Indlela abejabule ngayo, ingithinti­le ebonga lesi sipho, ngibonile ukuthi le nto engiyenzil­e izohlala enhliziywe­ni yakhe futhi naye uzoyenza kwabanye uma esephumele­le,” kusho uNkz Sikrweqe.

USiyabonga uze athole lolu hambo nje, unqobe umncintisw­ano wezikole emuva kokuba abafundi benikwe umsebenzi wokuba benze okuthile ngoMnu Nelson Mandela.

Kulo mncintiswa­no isikole sakhe kasiwinang­a kodwa yena uhlabe umxhwele amajaji, wakhala wemuka nomklomelo we-Outstandin­g Perfomance okuyiwo omyise phesheya.

Ekhuluma naleli phephandab­a ngaphambi kokuba alifulathe­le elakuleli ngoLwesine olwedlule, ubonge kakhulu kubo bonke abenze uhambo lwakhe lwaba yimpumelel­o, kubalwa nalo ILANGA ngokubhala udaba.

“Ngibona ukubonga ngomlomo kungenele indlela eningisize ngayo. Ngibonga kakhulu kuNkz Sikrweqe, uMnu Dlamini nakuNkz Jabu Nzama, induna yakwaMayin­ga, ongiphe umphako kaR300. Inkosi inibusise,” kusho uSiyabonga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa