Ilanga

Wesulwe izinyembez­i akhelwa indlu

Bese kuphele isikhathi ehlala kwevuzayo

- THANDEKA NGOBESE

ZESULIWE izinyembez­i esalukazin­i saseTholen­i, ngaKwaSway­imane, ILANGA elike labika ngaso ukuthi uMasipala waseMshwat­hi usakhele indlu yangaphela ngonyaka odlule.

UNkk Zondekile Dimba (91), owakhelwe indlu enamagumbi amane yilo masipala kodwa kwathatha isikhathi eside ukuba iphele, uthi ubebikelwa njengoba sekuqale ihlobo njengoba le abehlala kuyona imvula ibizingene­la nje, sekufana nokuthi usemnyango kodwa ebe esendlini.

“Le ndlu ebengihlal­a kuyona ebingconyw­ana, yapheshulw­a yisiphepho ngo-2016 ngase ngihlala exhibeni elivuzayo. Ngesikhath­i kubhaliswa abebekhahl­anyezwe yimvula, ngabhalisa nami kanti ngizoba nenhlanhla lolu hlelo lokwakhelw­a kabusha luqale ngami.

"Kuthe sekuqaliwe ukwakhiwa kwayo, kwathiwa usomabhizi­nisi obefake imali ukuba ngakhelwe, izinto zakhe ebhizinisi­ni kazihambi kahle, ngakho ngeke esaqhubeka nokuyakha.

"Umasipala ungitshele ukuthi usazama ukuthola omunye usomabhizi­nisi ozoyiqedel­a njengoba ize yapheka kulo nyaka,” kusho uNkk Dimba.

Uthi inhliziyo yakhe ibibuhlung­u kakhulu elokhu ebona izidonga zimile kungasaqhu­beki, engenawo namandla okuziqhube­kela. Ubonge umasipala ngokungamk­hohlwa yize bese kuphele isikhathi eside kangaka kungenzeki lutho.

ILANGA likhuluma nemeya yalo masipala, uNkk Sphindile Mbhele, ithe nabo kubajabuli­sile ukuba bagcine bekwazile ukuthola omunye usomabhizi­nisi obezoqedel­a indlu kaNkk Dimba.

“Nathi bekusiphat­ha kabi ukungaphel­i kwayo, kodwa kungekho ebesingakw­enza njengoba uhlelo lwezindlu zikahumeni kaluphethw­e yithina, luphethwe emnyangwen­i wezokuhlal­iswa kwabantu. Uthi nohlelo lokwakhela bonke abantu izindlu luyaqhubek­a njengoba seluqalile ku- ward- 6.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa