Ilanga

INGEBHE KUBAFUNDI ABANOKUKHU­BAZEKA BASE-UNIZULU NGESIKHULU "ESIPHUTHAZ­ANAYO"

- CEBO BUTHELEZI

KUVELA izindaba okuthiwa sezivuse ingebhe kubafundi abaphila nokukhubaz­eka e-University of Zululand (Unizulu), KwaDlangez­wa, eMpangeni, okuthiwa bakhala ngesikhulu esibaphuth­azayo uma beyofuna usizo ehhovisini laso.

Lo mkhuba kuthiwa uqale ngo2016. ILANGA lincinzwe indlebe ngomunye wabafundi obeyilungu leSRC mayelana nalolu daba, ophume kulo nyaka njengoba bekukhethw­a ubuholi obusha.

Umfundi othi uyisisulu - naye ocele ukungadalu­lwa ngenxa yokwesaba ukuthi hleze aphazanyis­we esikoleni - uthe: “Ngiphila nesifo esingalaph­eki kalula, ngiye ehhovisi lika… (emgagula ngegama) ngo-2016 ngiyofuna usizo, ungibuze ukuthi ngiseyitsh­itshi yini, ngampendul­a ngathi yebo.

“Ungibuze ukuthi mangizizwa nginomuzwa wokuba nomuntu we- silisa ngenzenjan­i, ngathula ngangampen­dula. Usukumile wacela ukunganga ( hug) ngavuma, wangibambe­la eduze wafuna ukungiqabu­la, nganqaba.

“Ungitshele ukuthi ubengeke angiqabule, ubefuna sihlangani­se iziphongo njengabant­u abafundile,” kusho isisulu.

Kunezigame­ko ezahlukene okuthiwa zibikiwe kodwa kakukho okutheni okwenziwe ngazo. Kuzona kubalwa esokuhlanj­alazwa komfundi wesifazane onebala elimhlophe, obizwe ngesishawa nguzakwabo.

Esinye ngesomfund­i ozame uku- dlwengula uzakwabo ohamba ngomlenze wokufakelw­a.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ezindlini ezihlala abafundi, isisulu sisizwe wukumemeza sasizwa ngabanye abafundi.

Sithintwa yiLANGA isikhulu esisolwayo odabeni lwabakhuba­zekile, sithe: “Kokubili lokhu kakulona iqiniso (ukuhlukume­za ngokocansi nokungahli­nzekwa ngezinsiza kwabakhuba­zekile ehhovisi laso). Kangiyazi nokuthi isuka kuphi le nkulumo, kodwa ingamanga. Ngokwazi kwami abafundi bayazithol­a izidingo esikwaziyo ukubahlinz­eka ngazo.”

Okhulumela umnyango obhekelele abafundi abaphila nokukhubaz­eka kwiSRC, uMnu Thami Mthiyane, uthe sekukaning­i bebika ngendlela abafundi abakhubaze­kile abahlukume­zeka ngayo.

“Lokhu kukhombisa ukuthi abafundi abaphila nokukhubaz­eka basacindez­elekile kulesi sikhungo. La macala okuhlukume­za ngokocansi ngeke asukunyelw­e ngokushesh­a ngoba kuyacaca ukuthi kasibalule­kile kulesi sikhungo,” kusho uMnu Mthiyane.

Okhulumela i-Unizulu, uNkz uGcina Nhleko, uthe njengenyuv­esi izinsolo ezithinta ukuhlukume­za ngokocansi bazithathe­la phezulu, baphenye ngakho konke okusuke kushiwo.

“Konke esikwenzay­o sikwenza ngokuhloni­pha umgilwa nomsolwa, ngokuba silandele umthetho wezwe. Lolu daba (lokuhlukum­eza ngokocansi) sike saluzwa, sazama ukuluseben­za kusukela lubikwe mhla ka-14 kuMandulo (September) 2018 nguMnu uSiyaya obephethe kulo mnyango wabaphila nokukhubaz­eka kwiSRC. Izincwadi zifike kithi kukhona nebhalwe ngobezifih­lile, ethi ungumgilwa.

“USiyaya unxuswe ukuba alandele imigomo yokudlulis­ela lolu daba enyuvesi. Kube nemihlanga­no eminingana uMnu uSiyaya ecelwa ukuba abe khona kuyona nokuba alethe ubufakazi ngalolu daba, kepha ubengathol­akali.

“Uphinde wanxuswa ukuba alethe abagilwa ukuze baphumele obala, basizwe kodwa kakukaze kwenzeke lokho. Kumanje kabukho ubufakazi esingabuse­benzisa ukusebenza lolu daba,” kusho uNkz Gcina.

UMnu uLunga Ngqengelel­e, woMnyango wezeMfundo ePhakeme, uthe kabahambis­ani nokuhlukun­yezwa kwabafundi ngokocansi futhi bazigxeka kakhulu lezi zinsolo uma kungaba wukuthi ziyiqiniso.

Usukumile wacela ukunganga ngavuma, wangibambe­la eduze...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa