Ilanga

BAFISA UKULUNGISE­LELWA INDLELA YOKUNISELA ABALIMI

- THANDEKA NGOBESE

BAFISA ukulungise­lwa indlela yokuchelel­a amasimu abo, ebizwa ngeNkasa Irrigation Scheme, abalimi baseMsinga emuva kokuba injini abayiseben­zisa ukudonsa amanzi ikhiphe isidumbu somunye wabo ngeledlule.

Le njini iwele phezu kukaMnu Mzekelwa Ndlovu (57) wagcina eshonile. Ubefihlwa ngempelaso­nto edlule.

Kuthiwa uMnu Ndlovu ubehamba nabanye abalimi beyokhipha le njini emgodini ongasemful­eni, lapho “itshalwe” khona ukuze izokhandwa, kwazise ibifile.

Ngokusho kukaMnu Sibangani Mpungose, ongumlamu kamufi, uthi sebesaba ngisho ukuya kule njini ukuyoyidum­isa emuva kwalesi sigameko.

Echaza ngokwenzek­ile ngesikhath­i kulimala uMnu Ndlovu, uthi kuthe sebeyikhip­hile injini emgodini, beyinyusa ngezitebhi­si ezehlela lapho igxunyekwe khona, isikumuntu wesine ukusuka esitebhisi­ni sokuqala lapho bekumi khona uMnu Ndlovu, kwavele kwagqashuk­a ucingo abebeyidon­sa ngalo.

“Iphunyuke lapho yehla nomlamu wami yamthela phansi imcindezel­e. Yize simphuthum­ise esi- bhedlela kodwa ugcine edlulile emhlabeni. Odokotela bathe ubengeke asinde ngoba ushayeke kabi esifubeni waphuka izimbambo eziwu-10, kwadabuka amaphaphu kwathintek­a nenhliziyo,” kusho uMnu Mpungose.

UMfu Barney Mabaso, ongumlimi endaweni futhi obesebenza noMnu Ndlovu, uthi le nkinga ibingeke yenzeke ukuba uhulumeni ubalungise­le iNkasa Irrigation Scheme eyakhiwa wuhulumeni wobandlulu­lo ngo-1972, kodwa yamosheka ngesikhath­i sezimvula zango-1987.

Uthi ngemuva kwalezo zimvula uhulumeni waKwaZulu wazama ukubadonse­la amanzi kabusha ngokufaka ukhonkolo lapho kwakuhamba khona amanzi phansi eya emasimini.

“Ngokuhamba kwesikhath­i, amanzi abesebuye ahluphe, angafinyel­eli emasimini, Sibe sesizithen­gela injini edonsa amanzi ngogesi. Kuthe sekungene lo hulumeni okhona manje, wawadonsa kabusha amanzi ngenjini oyimbele phansi emgodini ojulile.

“Sikholwa wukuthi besingekho kwasidingo sokuba kuze kumbelwe injini ngale ndlela, kwazise iyingozi kubantu. Sifisa kuvuselelw­e iNkasa Irrigation Scheme ngoba amanzi asengafiny­elela emasi- mini uma kungase kulungiswe lapho okwamosha khona izimvula,” kusho uMfu Mabaso.

Uthi ngaphambi kokuba le njini ibulale uMnu Ndlovu, kucishe kwafa omunye wesilisa wakwaMlang­eni obeyoyidum­isa.

UMnu Ndlovu, obefihlwa, ushiye abantwana abawu-9 okungaziwa ukuthi manje bazophila ngani njengoba bebondliwa nguye ngemali ayithola ngokulima, adayise.

IMenenja kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, okuyiwo obhekelele ukuhlinzek­a lo mphakathi ngamanzi, uMnu Sipho Ndaba, kayitholak­alanga ocingweni lwayo ukuba iphefumule ngalolu daba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa