Ilanga

Kukukhumbu­za ekhaya ukudla kwaseBig Easy

-

KAYIKHO into ekitaza umuntu okhonze ukudla okusezinge­ni eliphezulu njengomzuz­u wokubekwa kwe- menu phambi kwakhe.

Ungiphindi­le lowo muzwa ngesikhath­i ngimenywe eBig Easy Restaurant, eHilton Hotel, eThekwini nabanye ozakwethu esihlale siconsa nabo amathe abangamafo­odie, kuyokwethu­lwa i-head chef yabo uNoel Kanyemba.

Bekungekho­na okokuqala ngivakashe­la le restaurant. Okuhlale kungihlaba umxhwele ngayo wumgomo wabo wokuqhakam­bisa ukudla okwejwayel­ekile futhi okukukhumb­uza ekhaya kodwa okunongwe ngendlela ezokushiya ufisa impinda njenge- lamb shank, yibunny chow noma yipapa noshatini ( pap and tomato relish). Kubathandi benyama, akhona nama- platter e- game (okuwuhlobo lwenyama yezilwane zasendle) nawenyama eyosiwe. Imvamisa ukudla kwaseBig Easy kuhlale kuhambisan­a nengilazi yezinhlobo zamawayini e-Ernie Els, esungulwe ngumdlali odumile wegalofu wakuleli, u-Ernie Els. Ngale kwalokho kunendlela emnene abakwa- mukela ngayo

kanti nodado nabo kababakhoh­lwanga ngoba ikhona i- menu efanele bona.

Yiyona futhi le ndlela eyenze waheleza ngamandla umoya wasengadin­i ebesilinde kuyona kuleli hhotela ngesikhath­i sekungena usingaye, uNoel, ngakhumbul­a ingoma edlisayo kulezi zinsuku enamagama athi: “Kuthi huuuu”. Ungene kwezwakala, kanti wonke amehlo evele athi njo kuyena ngesikhath­i enza adume ngazo bukhoma.

Ezidlweni asinambith­ise zona kwi- starter, bekuyizinh­lobo ezimbili. Eyokuqala beyididiye­le i- smoked wayfarer trout salad with fennel and orange remoulade, yiavocado mousse, yi-honey shallot dressing ne-roasted beetroot.

Kweyesibil­i kulandele i- glazed chie cheese ehambisana ne- mixed salad, yiorange marinated cucumber enongwe nge- balsamic granola. Kofishi bekuyi- kingklip ehambisana nama- cherry tomatoes, yi- red onion ne- hollandais­e sauce.

Kangisiyen­a umuntu wama- starter kakhulu, izihlathi zihlehla uma sekuza i- main course, okuyiyona engingathi uNoel uthole amaphuzu amaningi kuyona, aqhamuka kimina.

Lapha bekuyi- dukkah-crusted ostrich fillet ephelezelw­a yi- roasted parmesan crisps, ama- patti pans, yi- venison biltong (ngiyazifel­a nge- biltong), ama- baby onions ahambisana nengxubeva­nge ye- parmesan and parsnip puree and blackberry jus. Nawe ubungeke usinike esingaboni.

Cha, noma kungathiwa usuthi kanjani kodwa sihlale sikhona isikhala se- dessert ukupholisa isisu. Hheyi! Akuve kunzima ukufunda i- menu edle ngama-gama aqinile ongawaqond­i ukuthi athini nokuthi sidlo sini okumele usilindele. Kungenzile kule- menu yedessert kodwa okuhle wukuthi usuku nosuku ufunda izinhlobo ezintsha zokudla.

I- Dessert kaNoel bekuyi- orange pannacotta enongwe nge- pistachio barfi crumbs ne- almond tuile. Ukuchaza nje kalula, cabanga u- jelly. Nayo iyabikizel­a njengo- jelly kodwa yona ihlukile kancane indlela enongwe ngayo.

Engingakus­ho ngokudla kukaNoel wukuthi kakugcini ngokunambi­theka kahle kuphela kodwa nangendlel­a akuhlobisa ngayo epuletini nephunga lakho elihehayo uze wenqene nokukudla.

* Le reastauran­t ingeyomdla­li odumile kwezegalof­u, u-Ernie Els. Kunelinye igatsha layo eliseStell­enbosch, eWestern Cape elakhiwe kwi- wine farm yayo le ngqwele kwezegalof­u. ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ?? YI-STARTER se-smoked wayfarer trout salad enongwe nge-fennel ne-orange remoulade.
YI-STARTER se-smoked wayfarer trout salad enongwe nge-fennel ne-orange remoulade.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UNoel Kanyemba oyi-head chef yase-restaurant iBig Easy, eseHilton Hotel, eThekwini.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UNoel Kanyemba oyi-head chef yase-restaurant iBig Easy, eseHilton Hotel, eThekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa