Ilanga

Ubhilitile umalalevev­a eningizimu ye-Afrika

- *ulwazi ngabe: www. healthline.com

esebeletha. Lokho-ke kuyaye kubizwe nge- congenital malaria.

IZIMPAWU ZASO

Ongenwe yilesi sifo uqala ukubonakal­a emuva kwezinsuku ezingu-10 kuya kwezingu-28 kusuka engenwe yigciwane. Phakathi kokunye ongabonaka­la ngakho yilezi zimpawu: ukukhathal­a njalo, ukuphalaza nekhanda elibuhlung­u, wukuqhaqha­zela, wukuzwela ukushisa, wukujuluka kakhulu, ubuhlungu besisu, isihudo, wukuqaqanj­elwa wumzimba, yindle enegazi nokuquleka. UKUSIHLOLE­LA

Udokotela angathola uma uhlaselwe yigciwane likamalale­veva. Uyabheka ukuthi ingabe isibindi noma ubende lwesiguli luvuvukele na. Uma isiguli sikhombisa izimpawu zaso udokotela angathatha amasampula egazi ayohlolwa ukuze abe nesiqinise­ko. Lokho kuhlola kuyaveza ukuthi:

isiguli siphethwe luhlobo luni lwalesi sifo;

ingabe igciwane lelo ayizweli yini imishanguz­o kulona na; isiguli sintula igazi ( anemia); nokuthi isifo asikahlase­li yini izitho zomzimba ezibucayi.

UKUDLANGA KWASO

Lezi zimpawu ezilandela­yo zikhombisa isigaba esibucayi isifo esisuke sesikusona:

wukuvuvuka­la kwemithamb­o yegazi ebuchoshen­i;

ukwakheka koketshezi emaphashin­i olubangela ukuphefumu­la kanzima;

ukukhondam­a kwezinso, yisibindi noma wubende;

ukuntuleka kwegazi ngenxa yokulimala kwezinhlay­iya zegazi ezibomvu; izinga eliphansi likashukel­a. Njengoba sekushiwo isiguli esingenwe wuhlobo olubizwa nge- P. falciparum singaba sengcuphen­i yokushona, futhi ukuselapha kudinga ukuba isiguli sihanjiswe esibhedlel­a. Udokotela unikeza imishanguz­o ehambela

na nohlobo lukamalale­veva.

Uhlobo olubangelw­a ngamagciwa­ne ohlobo lwe- P.vivax ne- P.ovale lunezigaba ezenzeka esibindini isikhathi eside okungase kwenze sibuye siqubuke kabusha. Uma lokhu kwenzeka, isiguli sinikezwa eminye imishanguz­o yokusivimb­a singaphind­i sibuye lesi sifo.

IZABA ZOKUSIVIMB­ELA

Uma uzohambela endaweni lapho lesi sifo sichitheki­le khona, kusemqoka ukuba uthole ukugonywa. Ukulala uzemboze ngenethi kuyalekele­la ekuvimbele­ni ukutinyelw­a womiyane. Kuyasiza nokuzifuth­a esikhumben­i ngesixosha­nambuzane ( bug spray) esine-DEET. Kuba kuhle futhi ukuba nebalazwe elibonisa izindawo ezinesifo sikamalale­veva ukuhlala uhlomile nxa uzokuya kuzona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa