URiky Rick useyijaji le-The Voice SA
ISIHLABANI somculo wehip hop, uRiky Rick, sizokuba ngelinye lamajaji emncintiswaneni iThe Voice South Africa ozokhonjiswa esiteshini sikamabonakude esizimele iMnet Channel 101. URiky Rick ogama lakhe langempela nguRikhado Makhado, uzojoyina amanye amajaji asazomenyezelwa kulolu hlelo oluzoqala ukukhonjiswa ngoNhlolanja (February) wonyaka ozayo. U-Anele Mdoda, ozakhele udumo ezinhlelweni ezahlukene kumabonakude, usanda kumenyezelwa njengomethuli omusha walolu hlelo lokuvumbulula amakhono abaculi.
Lo saziwayo ophinde abe ngumsakazi, uthe uyazifela ngezinhlelo ezivundulula amakhono kanti uthe bekuhlale kuyiphupho lakhe ukwethula izinhlelo zalolu hlobo.
“Sekunesikhathi ngibukela uhlelo iThe Voice kanti ngiyazifela ngalo kusukela emajajini alo akhombisa ubumbano uma eqoka ikhono kuya endleleni lolu hlelo olukhiqizwa ngayo.
“Ngizizwa ngibusisekile ngokuba iMnet inginike leli thuba. Ngiyajabula kakhulu,” kusho lo saziwayo oke waba sematheni elaxaza olunye uhlelo, iReal Talk obelukhonjiswa kwi-SABC 3.
Isikhulu esiphezulu sakwaMnet, uLani Lombard, sichaze lo methuli njengonekhono elimangalisayo futhi okwaziyo ukwenza ababukeli bakhululeke.
“Sizizwa sihloniphekile ngokusebenza naye kwiThe Voice South Africa. Uyakwazi ukulalela futhi uyakwazi nokuhlekisa abantu,” kusho uLani.
U-Anele ungena ezicathulweni zikaLungile Radu kulolu hlelo kanti useke wabonakala ezinhlelweni zikamabonakude zokuvumbulula amakhono okubalwa kuzona iClash of The Choirs, iSA’s Got Talent neStrictly Come Dancing.