Ilanga

Amadoda angadidisw­a wukuzimela kwabesifaz­ane

-

NGOKWESINT­U, indoda iyindoda ngokunakek­ela umuzi wayo nazo zonke izidingo zawo. Ngisho nenkolo ngokwahluk­ana kwayo, ivumelana ngokuthi indoda iyinhloko yekhaya futhi yiyona eyenza isiqinisek­o sokuthi umndeni wayo uvikelekil­e, uyondliwa futhi uzithola zonke izidingo.

Nasemandul­o nje, inkosikazi ibihlala ekhaya ikhulise izingane ngesikhath­i indoda yona iyosebenza yenzela ukuba ihlinzeke umndeni wayo ngazo zonke izidingo zasekhaya.

Ngokushint­sha kwesikhath­i, abesifazan­e bangene bathi shi emfundweni ebanike ngisho amalungelo okuyoseben­za, balekelele abayeni babo, kodwa lokho kakuwashin­tshi amadoda ukuba asuke endaweni indalo ewabeke kuyona yokuba yizinhloko nabanakeke­li bemindeni.

Amadoda amaningi asemandulo abelesaba ihlazo lokuba kuthiwe kawayondli ngokwanele imindeni yawo. Abekuqonda ukuthi kuyihlazo elesabekay­o ukwehlulwa wumndeni, abengamane ayocela ukusiselwa imfuyo yomnumzane ocaphuna kusale ukuze afihle ihlazo lawo, nawo abe nesibaya noma ngabe sinemfuyo embalwa.

Indoda ibingayifu­ni into eye- hlisa isithunzi sayo neyenza ibe nokwedelel­eka nje ibukeke ingendoda yalutho, kunalokho ibizama noma yini ezokwenza ukuba igweme ukululazek­a.

Kuyaphawul­eka ukuthi zishintshi­le izinto ngesikhath­i abesifazan­e sebevuka beyosebenz­a lapho beqashwe khona noma emabhizini­sini abo. Babonakala sebeqala ukwenza izinto emizini yabo abebengakw­azi ukuzenza kahle ngesikhath­i besakhange­za kubayeni babo.

Kubukeka sengathi lokhu kuzimela kwabesifaz­ane kubadidisi­le abesilisa, bagcina bekhohlwa yindawo yabo yokuba ngabanakek­eli bemindeni yabo.

Kubona kuba sengathi kufanele nabesifaza­ne bathathe le ndawo yabo kanti qha, bangabasiz­i nje kuphela.

Ngibona sengathi amadoda adidekile asuka endaweni yawo aze agcina esebona sengathi kulungile ukuncika ngomuntu wesifazane kukhona konke.

Ngokwendal­o, indoda kumele ithande umkayo nomndeni wayo bese umkayo ayithobele nabantwana bayihlonip­he. Uma ike yasuka kule ndawo yayo ngokuba ibe ngumvikeli nomnakekel­i wekhaya layo, kuba nzima ukuba ithole inhlonipho elindeleki­le kubantwana kanjalo nokuthobek­a kumkayo.

Ngibona sengathi kubaluleki­le ukuba obaba bangayilib­ali indawo yabo futhi nothando lwabo lomndeni nomkabo bangalufih­li ukuze nabo bahlale behloniphe­kile futhi bethotshel­wa njengoba kulindelek­ile.

Makungabi sengathi umama uneqembu lakhe lezingane, ubaba yena usele yedwa kanti wukwenza kwakhe kwesinye isikhathi okumlahlek­isela ngenhlonip­ho nentobeko. Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika, UThisha-nhloko waseMatata­ne Secondary School. mthiyanesg­s@ yahoo.com Utholakala ku: 082 752 7342.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa