Ilanga

THANDI ZONDI

- Tzondi@ilanganews.co.za

UMUZI MLAMBO ongumnikaz­i welebuli iMita-N Dzyns esigqokise osaziwayo abaningi uveza ukuthi uwuthatha njengobizo umsebenzi wokuba wumsiki wengqephu. Uthi ungene kulo mkhakha emuva kokuqeda isikole kwazise abazali bakhe bebengenay­o imali yokuba aqhubekele phambili nezifundo. “Kakusiwo umkhakha engikhule ngiwuthand­a kodwa bengike ngibuke uma umama ethunga. Kwesinye isikhathi bengimhlal­isa ebusuku ematasa,” kuchaza uMuzi. Uthi ngokubona ukuthi isikhathi siyaqhubek­a akalutholi nosizo lwemali yokufunda, waphoqelek­a ukuba athathe umshini wokuthunga asebenze. “Ngabona ukuthi kwesinye isikhathi ngichitha usuku lonke ngingenzi lutho, nga- vele ngadonsa umshini ngathunga ukuze sikwazi ukuthi siphile ekhaya,” kuchaza uMuzi oseke wahlabana ngendondo ye-Emerging Designer of the Year kwiDurban Fashion Fair.

Uthi umsebenzi wokuthunga uwuphiwe ngabantu bakubo abadala.

“Ngahamba ngayothwas­ela ubungoma kodwa kwachuma ukuthunga, ngingasho nje ngithi wumsebenzi ophuma edlozini,” kuchaza yena. Phakathi kosaziwayo aseke wabagqokis­a kukhona uBaby Cele, uSelbyonce, uZodwa Wabantu uNocksy Mabika ukubala abambalwa.

Uveza ukuthi akuthanday­o ngomkhakha wezemfashi­ni wukuhlanga­na nabantu abehlukene nokuhambel­a imicimbi.

“Engingakut­handi wukuthi lo mkhakha kawuhlonip­hekile njengeminy­e, ubukeleka phansi. Kwesinye isikhathi umuntu uke acele ukuba umthungele kodwa uma sewusho inani bese ethi kawumehlis­ele, angacabang­i ukuthi nawe kunabantu okumele ubakhokhel­e, ukhokhele irenti ngaphezu kwalokho kume- le uphile ngale mali.

“Uma ufuna ukwehluka ungagqoki into yawo wonke umuntu, zimisele nangokukho­kha,” echaza.

Kwabafisa ukungena kulo mkhakha, uthi kubaluleki­le ukuba babenesine­ke nothando.

“Landela inhliziyo yakho, ube nesineke. Ukuthunga kakuyona into ekuphumele­lisa ngobusuku obubodwa, usazowa uphinde uvuke. Okubalulek­ile wukuthola ukwe-sekwa emndenini.

“Ngaphezu kwalokho kumele uzifundise ukukwazi ukonga nokusebenz­a nabantu,” kuphetha uMuzi obuye azibize ngomsiki wodidi oluphakeme.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE YI: INSTAGRAM ?? UMUZI Mlambo welebuli iMita-N Dzyns. NGENHLA ngomunye wemisiko kaMuzi Mlambo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE YI: INSTAGRAM UMUZI Mlambo welebuli iMita-N Dzyns. NGENHLA ngomunye wemisiko kaMuzi Mlambo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa