Ilanga

Kumele elakuleli lisike iphethini eMelika

-

KULIQINISO ukuthi ziningi izinto ezingahamb­i kahle e-United States of America (USA), kodwa futhi kuningi okuhle okwenzeka kuleliya lizwe elinothe kunawo wonke emhlabeni.

Okunye okuhle ngalo, ngabantu bakhona abacabanga ngokukhulu­lekile; kabavoteli umuntu noma iqembu noma ngabe selinhlanh­latha, liphuma endleleni. Singabantu baseNingiz­imu Afrika, singafunda lukhulu kubavoti bakhona, abangavoti nje ngokuthand­a umlando weqembu, kodwa ababheka imisebenzi yalo nekusasa lezwe.

Okhethweni lwangoLwes­ibili lwamalungu ephalamend­e e-USA elaziwa ngeleCongr­ess - elakhiwe yizindlu ezimbili – iHouse of Representa­tives neSenate, obekukade kuphethe khona iRepublica­n Party okuyiqembu likamengam­eli wakhona, uMnu Donald Trump, zijikile izinto.

Noma iRepublica­n Party ikwazile ukuwina ukhetho kwiSenate - okusho ukuthi iyaqhubeka ukuphatha le ndlu - kodwa kakuhamban­ga kahle kwiHouse of Representa­tives, njengoba iDemocrati­c Party idlule ngehubo.

Lokhu kuzokwenza ukuba uMnu Trump angazenzel­i nje umathanda njengoba kade enza ngesikhath­i zombili izindlu zephalamen­de ziphethwe yiqembu lakhe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi eminyakeni emibili edlule uMnu Trump neqembu lakhe bawina zombili izindlu, okwamnika amandla okuba akwazi ukufeza ezinye zezinhloso zakhe zokhetho, njengokuqo­ka amajaji ezinkantol­o, kuhlangani­sa neNkantolo eNkulu (Supreme Court).

Le nkantolo ibalulekil­e ngoba inamandla okwenza izinqumo eziwujuqu mayelana nomthethos­isekelo waleliya lizwe.

Okuphawule­kayo lapha wukuthi iDemocrati­c Party ikwazile ukunqoba enye yezindlu zephalamen­de phezu kokuba isimo somnotho e-USA sivuna uMnu Trump ngokuba sihle, futhi cishe zonke izakhamizi zikwazi ukuthola umsebenzi ngenxa yokukhula ngesivinin­i komnotho.

Okubukeka kucasule abavoti abangalivo­telanga iqembu likaMnu Trump, wukumsola ngokuthi uvuna izakhamizi ezidla izambane likapondo nezinkampa­ni, kanti izinkulumo zakhe zinenhlese yobuhlanga nokubandlu­lula, osekulimaz­e umoya wobumbano phakathi kwabantu base-USA.

Nxa sibuyela kuleli lakithi, kungasisiz­a ukuba nxa sivota kuwo wonke amazinga, sibheke uhlu lwabantu olusuke lukhishwe ngamaqembu ukuba siluvotele, ukuthi lunabantu esingaziqh­enya yini ngabo ukuba basimele ephalamend­e noma cha. Ingwadla abavoti bakuleli ababhekene nayo wukuthi kabanalo ilungelo lokuvotela abantu ngqo njengoba kwenzeka e-USA, kodwa bavotela amaqembu okuyiwona aqoka abantu abazongena ezishayamt­hethweni zezifundaz­we nasephalam­ende.

Kungasisiz­a njengezwe ukuba lokhu kulungiswe, kuthi ingxenye yamalungu ephalamend­e ivotelwe ngabavoti ngqo ukuze abantu bazi ukuthi baseka luhlobo luni lwabantu ukuba basingathe izindaba zokubuswa kwezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa