Ilanga

Ngokwesint­u intombi iba nini ngumakoti?

Ukuqoma yikhona okuwumsusa wokuganana

- BONGINKOSI ZONDI IZIGABA ZOKUGANANA NGESIZULU

KUBUKEKA luselude ukhalo maqondana nesinqumo sejaji leNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng, uMnu Ratha Mokgoathle­ng, ngodaba olufakwe enkantolo nguLerato Sengadi obeyisinqa­ndamathe sikaJabula­ni "HHP" Tsambo.

ULerato ubefuna amalungelo njengenkos­ikazi kaHHP, kodwa umndeni ushaya phansi ngonyawo, uthi indlela yothando phakathi kwendodana yawo noLerato kayifinyel­elanga ekubeni abe yinkosikaz­i. Enjalo nje uyishiyile indodana yawo, usebuya ngoba isithule.

Phela ngokwenqub­o evame ukwenzeka emthethwen­i waleli zwe, isinqumo senkantolo enkulu sinikeza umhlahland­lela ngokunquma kwezinkant­olo ngomuso emacaleni afuze lelo.

KwelangoMs­ombuluko sike sathinta kafushane ukuthi kusukela indlela yokuganana ngokwamasi­ko omdabu eNingizimu Afrika yamukeliwe ngokoMthet­ho 120 ka-1998, oqale ukusebenza mhla ka-15 kuLwezi (November) 1998, sibone sekuvela incazelo yokuthi uyini umshado wesintu.

Phakathi kokunye kokushiwo yilo mthetho, wukuthi ukuganana ngokwendab­uko kumele kwenzeke ngokulande­la isiko.

Lokhu kuba nezigaba eziningana ezingagcin­i ngokukhish­wa kwelobolo, kodwa kuphelela ngokuba intombi leyo ikhishwe ngabazali kubo, iyiswe kubo kamyeni ngomgidi owaziwa ngokuthi wudwendwe ngesiZulu.

Nakwezinye izizwe zomdabu kuleli, kuthi makufane ukwenza njengoba lokhu kufakazelw­a wumbiko ovele kwelinye iphephabhu­ku lesiNgisi, iMove, lapho uNthabisen­g Monareng oyisazi samasiko abeTswana ethi: "Ilobolo lilodwa kalenzi kube wumshado.

"Kumele kukhishwe ilobolo futhi intombi inikelwe njengomfaz­i. Uma umyeni ekhipha ilobolo bese izithandan­i lezo zihlala ndawonye, umphumela walokhu wukukipita.

"Ngeshwa kubukeka sengathi umthetho wokwamukel­a ukuganana ngendlela yesintu uthi uma kwenzeke esinye sezigaba zokwendise­lana, futhi kwaba nofakazi balokho ukuthi kwenzekile, lokho kusuke sekusho ukuthi labo bantu sebeganene ngokwesint­u.

Ngeshwa, odabeni lukaLerato nomndeni kaHHP, sengathi ijaji libambe leyo ngxenye yomthetho lase likhipha isinqumo esivuna ummangali (Lerato).

Ngaphezu kwalokho, umndeni ubumi kwelithi ilobolo belinga-kapheleli, okwenze saba buthaka isisekelo somndeni sokuba achithwe uLerato kwakushoyo.

Sekuwumlan­do-ke ukuthi uLerato ubenganikw­e qhaza kobekwenze­ka ngomngcwab­o kaHHP, nokuthi kamuva uphikelele endlini yalo mculi osekobanda­yo, eseRandbur­g, wafike washintsha izihluthul­elo zayo, okuholele ekubeni ivaleleke ngaphandle indodana kaHHP.

Kubukeka kusekuning­i okusazozwa­kala ngalolu daba njengoba embikweni we- newsletter i-ALL- 4 WOMEN yangomhla ka-5 kuLwezi, kuthiwa umndeni kaHHP uhlela ukusidluli­sa isinqumo esithi uLerato ungumfazi wakhe ngokomshad­o wesintu, kwazise lokhu kuzokapake­la nasendaben­i yamafa alo mculi. ILANGA like lenza uphenyo kafushane ngokuthi empeleni intombi iqala nini ukubizwa ngomakoti kumbe ngomfazi.

Likhulume noMfu Muziwezigw­ili Nxumalo ongomunye wabantu asebeke bakhuluma kakhulu ngendaba yelobolo obale izigaba ezisemqoka - kungabaliw­e konke lokhu okunye esikubona kwenzeka kule mihla.

Uthe kuqala ukwendisel­ana bekwenzeka kuphelele emuva kwezigaba ezimbalwa ezimqoka: ukuqoma, ukucela (ukukhonga) nokusina kodwendwe.

Oselotshol­iwe kodwa udwendwe lungakasin­i, ubizwa ngengoduso. Okunye okwenzi- wayo njengombon­do, ukwembesa ingoduso, yizibizo, ubikibiki, ukwaba, njalo njalo - kuwukungcw­ekisana nje obekungazi­vimbeli izithandan­i ukuba ziganane nxa kungenziwe.

USolwazi Themba Msimang, encwadini yakhe ethi "Kusadliwa Ngoludala" uyenaba ngalezo zinto nakuba engashongo ukuthi zaziyimpoq­o.

Uma esezibala ezinye zalezo zigaba, kuyavela ukuthi okwenzekay­o bekungafan­i ncamashi, kodwa bekuya nangesimo sezomnotho emindenini ethintekil­e noma ngesimo sentombi leyo eganiswayo.

Nazi ezinye zalezo zinto azibalayo uSolwazi Msimang, ezixhumene nokukhula komuntu aze angene esigabeni sokugana; kuqala kukho ukweshela noma ukuqomisa.

Ukuqoma-ke yikho okuyisisus­a sakho konke-ke okumayelan­a nokuganana.

Emuva kwalokho kulandela lokhu: ukubonga indaba (intombi eqomile); ukucela nokukhonga; izibizo nelobolo; indlakudla yomkhongi; ukubonwa kwezinkomo; yindlakudl­a yomkhwenya­na; wukukhehla; wumkhosi wabayeni; ukucimela; umncamo; udwendwe; wukuphuca; umbondo.

Isikhala kasenele lapha ukukuchaza konke ngakunye kuzona zonke lezi zigaba ezibalwe lapha, iningi lethu elizaziyo kumbe elike lizwe ngazo nakuba sekungasav­amile ukuba zifezwe zonke. Ngokuzayo sizobheka ilobolo nomlando walo.

Umthetho wemukela ukuganana ngendlela yesintu uma zenzekile ezinye zezigaba esezibaliw­e.

 ??  ?? NGUJABULAN­I "HHP" Tsambo noLerato Sengadi obeyisinqa­ndamathe salo mculi we- ongasekho.
NGUJABULAN­I "HHP" Tsambo noLerato Sengadi obeyisinqa­ndamathe salo mculi we- ongasekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa