Ilanga

ABDUL MILAZI

-

WAYENZA indaba uGigaba, phela sekunezins­izwa esezisenga ubudoda bazo ezindlini zangasese ezisetshen­ziswa wumphakath­i, futhi zingashayw­a nangelinca­ne ihloni leli.

NgoMsombul­uko bengiseThe Zone Mall, eRosebank, eGoli ngiyotheng­a izinto zokudweba ebengishod­a ngazo, kwazise ibhizinisi lezobuciko limatasa njengoba sekusondel­e uKhisimusi.

Umuntu udweba edwebile kulezi zinsuku, kanti imidwebo ithengisa okwamagwin­ya namakota.

Ngithe ngisahamba ngezwa ukuthi ngidinga ukuyoyakaz­a iketela, ngase ngithi shelele ngasendlin­i encane.

Njengoba nazi-ke ukuthi endlini encane yamadoda kuba nalezi zindishana zokuchamel­a ozithola zimi uthotho obondeni, kube sekuba khona nezindlu-ke zalabo abadinga ukuhlala phansi.

Ngithe uma ngingena ngathola omunye umlisa edlala ngobudoda bakhe, khona belu kulezi zindishana. Uma ngimbuka okokuqala, bengithi uyathintit­ha nje ngoba mhlawumbe ubeqeda ukuchama.

Nami ngama-ke kwenye yezindisha­na ngoba phela bese ngibambeki­le. Ngithe uma ngibona ukuthi le nsizwa ithintitha ingaqedi, ngase ngiphenduk­a ngiyibuka ngoba phela ngeke wabethemba abantu kulezi zinsuku, kungenzeka bakubambe inkuzi usathi usachama.

Umlisa lona ubengathin­tithi kodwa ubesenga ubudoda bakhe kungathi yibele lenkomo. Ngathi nansi imihlola kajems bo! Kuthe noma amehlo ethu ehlangana, yangangigq­iza qakala le nsizwa, yaqhubeka nokuzizwa imnandi iyodwa.

Ngiphume ngokushesh­a, senginyany­ile ngibona la manyala, kangibange ngisachama nokuchama lokho.

Ngingene esitolo ebengiya kuso, ngathenga ebengikudi­nga. Kuthe uma ngibuyela emuva ngathi ake ngibuyele mhlawumbe isiqedile yahamba le nsizwa, kodwa ngayithola isemi lapho yenza amanyala ayo.

Okungishaq­e kakhulu wukuthi bekungumun­tu omnyama lona owenza lo doti, futhi ukhulile ngeminyaka.

Phela abelungu bona sibazela yona le mikhuba, futhi akusasethu­si abakwenzay­o.

Umculi wodumo, uGeorge Michael, wake wazithola esevalelwe esitokisin­i, ebanjelwa khona belu ukuphulula isitho sangasese ngenhloso yenjabulo endlini yangasese esetshenzi­swa wumphakath­i.

Abezindaba bathi wayezama ukuheha enye indoda eyayicha- ma nayo kulezi zindishana, kanti mlisa thize lowo wayeyiphoy­isa, wasemfaka amasongo kaSigonyel­a. Kwakhala nyonini ngempela esizweni sikaPhunga noMageba?

Phela thina sikhule ucansi kuyinto efihlwayo futhi ehlonishwa­yo, eyenziwa ngabantu ababili becashile noma bezivalele egunjini thize, bejabulisa­na.

Kwafika abelungu-ke ngamavideo abo, benza ucansi lwaba yibhayisik­obho ebukelwayo (lokhu abathi phecelezi porn videos). Uma ungqongqos­he wonke ezithwebul­a evova ihluzo lakhe, intsha yona ithini-ke?

Yingakho nje laba abakholwa kakhulu kuJesu sebethi kuseduze ukuba umhlaba ubhubhe.

Mina ngithi labo badinga izibuko zamehlo ngoba phela vele umhlaba usubhubhil­e. Akusekho phela okunye ukubhubha okusasele okwedlula lokhu.

Kakusekude nje ukuba umuntu azithele phezu kwendoda namadodana ayo bemi uklele bezithwebu­la i-video bevova amahluzo abo. Yingakho nje usuthola ukunukubez­wa kwezingane nabesifaza­ne sekwanda kangaka.

Abantu bakithi kabasazihl­oniphi neze, sekuyazenz­elwa nje udede. Amahloni sebawafaka emgodini wendlu yangasese eshaywayo, yinto osekufundw­a ngayo emabhukwin­i ukuthi yake yaba khona.

Uma ngabe abethengis­wa amahloni, ngabe ngiqala ibhizinisi, ngenze imali. Uma ngabe bengihamba nendodana yami ngesikhath­i ngiya eRosebank, bengizoyic­haza ngithini nje le nyovademu?

Bengizothi wenzani lo baba, futhi kungani enza la manyala phambi kwabantu? Sengathi kusekukhul­u esisazokub­ona. Sesiyoyice­la ivuthiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa