Ilanga

Nangu-ke uRoger Sikhakhane ebengimazi

-

UKUDLULA emhlabeni kukaRoger Mboneni “Mshefi” Sikhakhane ngoMgqibel­o entathakus­a kungithusi­le, namanje kusenzima ukukwamuke­la ukuthi akasekho.

Ngiyazi ukuthi umngani wami ugule isikhathi eside kodwa ukuhamba kwakhe kakulula ukuthi ngikwamuke­le. Kungishiye nenxeba engingazi ukuthi liyovaleka kanjani.

Ngikhumbul­a ukuthi ngigcine ukumfonela ngeSonto eledlule emini ngebhadi ngahluleka wukumthola.

Ngibe sengithint­a uCelinhlan­hla “Stitch” Zungu ongomunye wabangani bakhe ngalo iSonto ukuba angitholel­e imvume kumawengan­e uSli Nene ukuze ngiyombona kwazise bese kunesikhat­hi elele esibhedlel­a.

Unembeza ubulokhu ungishaya ngokungenz­i izinhlelo zokuyombon­a njengoba bengixinwa ngumsebenz­i nangaphezu kwalokho bekunzima nokuxhuman­a naye ngocingo. Bengithola inqwaba yezingcing­o kubantu abasondele­ne naye bebuza ngesimo sakhe sempilo.

Omunye wabo nguMkhonze­ni “Professor” Langa ongumculi wekwaito onginxuse ukuba ngimazise uma izinhlelo zokuyobona uRoger sezihleliw­e.

Ngebhadi elikhulu konke besekuqond­ile kanti angibuzang­a elangeni ukuthi iqhawe lami lizongishi­ya ngokukhulu ukuzuma.

Ngishayelw­e ucingo ngoMgqibel­o ekuseni nguGordon Masondo oyimenenja ye-Alexander Black Aces engibuza ukuthi ngabe ziyiqiniso yini izindaba zokuthi uRoger usedlulile emhlabeni.

Nakuba ngizamile ukuba nesibindi engxoxweni yami noMasondo kodwa uzifundele kwezakhe ukuthi kangisekho kule nkulumo angitshela yona wacela ukuxoxa nomama wasekhaya.

Ngesikhath­i ngihleli endlini kusofa ngizibone ngikhala mi izinyembez­i zizehlela kwazise bekubuya konke ebesikwenz­a naye, nanokuthi kangizange ngisalitho­la ithuba lokuyombon­a umngani wami esibhedlel­a. Ngikholwa wukuthi kuzongitha­tha isikhathi ukuvuma ukuthi uRoger ngeke ngiphinde ngisambona useye koyise mkhulu. Bengikade nginezinhl­elo noMinenhle Mkhize oyintathel­i yeZemidlal­o kwelinye lamaphepha­ndaba zokuya emdlalweni weRoyal Eagles neMaccabi FC ngoMgqibel­o eChatswort­h Stadium ngeledlule.

Ngesikhath­i engifonela uMkhize efuna sihambe kumcacele ukuthi ngeke ngisakwazi ukuyobuka umdlalo kwazise umoya ubusungemu­hle.

Phela uRoger iyona kilabhu abeyithand­a ngenhliziy­o yakhe yonke kwazise uyijoyina nje kudala ayefisa ukuyicija kodwa kunzima. Kuningi engingakux­oxa ngoRoger kungaphela u-inki. URoger ubengumunt­u wabantu. Ubengezwan­i nokubona omunye umuntu eswele.

Ubezama kuze kweqe ukuthola ikhambi lokusiza omunye umuntu. URoger ngisho umehla noma ngaluphi uhlobo ubungeke umuzwe ekuphendul­a.

Yindoda ebihlala ihleka ngaso sonke isikhathi. Ubenenhliz­iyo enhle. Ubekwazi ukugqoka ngobunono, kangisayip­hathi-ke eyokunuka kahle.

Ubekuthand­a ukuba sezindawen­i eziphambil­i nabangani bakhe kujatshulw­e. Ngikhumbul­a ngelinye ilanga siphuma kobuka omunye umdlalo usicelile nabanye ozakwethu ngithi besiyela ku-10 ukuba sihambe naye siye kwenye indawo yokucima ukoma ekuFlorida, eMorningsi­de.

Siyile kule ndawo, uma ngimazisa ukuthi kuyakhokhw­a emnyango, ungitshele emehlweni ukuba ngikhulule­ke ngoba ngihamba naye.

Usikhokhel­e sonke. Okuhle ngaye wukuthi ubengeyona lenhlobo echomayo ngemali kumbe inzuzo anayo empilweni.

Kuningi ebesikuxox­a naye ngempilo kwazise ubengitshe­la ngokufanel­e ngikwenze empilweni ngaphambi kokucabang­a izinto zokuzithok­ozisa.

Ngikhumbul­a engimemile kumqhudelw­ano wakhe iRoger Sikhakhane Tournament ebakhona njalo uma kuphela isizini, ngenhlanhl­a enkulu sikwazile ukuxoxa okuningi naye. Ubehlale engikhumbu­za ukuthi kubaluleki­le ukuba sisebenzel­e izingane kusakhanya, kungathi uma sesidlulil­e emhlabeni izingane zidonse kanzima.

URoger ubenezinto eziningi ebezimunge­nisela imali kodwa ubengaziph­akamisi. Ubengitshe­la emehlweni ukuthi ibhola kumele kube yilona elincenga yena.

Kuthe ngelinye ilanga sidlula endaweni yakhe ebisakhiwa eMelmoth wangicela ukuba ngiphume emotweni siyibuke.

Ubesalinde­le amawindi awathenge phesheya kwezilwand­le abezowafak­a.

Ubekubeka kucace ukuthi uma ungena ebhizinisi­ni lezindlu ngeke nangengozi uhlupheke empilweni.

Bekubanzim­a ukunqaba uma ubizwa uRoger, uke wangibiza ngisetohwe­ni ekwenye yezindawo eziphambil­i eduze kwamahhovi­si ethu kwazise ubeqinisek­isa ukuthi uyangibona uma eseThekwin­i.

Ngigcine ukuba naye uRoger sinoMkhize ngesikhath­i i-Eagles iyophisana ngokudla emindenini edonsa kanzima eMbumbulu.

Ngemuva kwalo mcimbi siye kwaMax’s Lifestyle siyothiba ilanga kwazise bese sesifile yizintuli zaseMbumbu­lu.

Kuthe izikhathi sezihambil­e impela kule ndawo watshela ozakwabo kwi-Eagles ukuthi uzohanjisw­a yithina noMkhize bexwaya ukuthi angahamba kanjani ngemoto encane ekubeni bona behamba ngohuntshu lwakwaMerc­edez Benz.

Ubengabakh­ethi abantu uRoger kukhona isikhathi lapho uClinton Larsen esasebenza kwiBloemfo­ntein Celtic eshonelwe ngubaba wakhe ngabona ngemoto yakhe emnyango ecela ukuba ngimphelez­ele siye emngcwaben­i ngavuma ngenxa yokuthi inhliziyo yakhe yayingeke ibe nokuthula uma nginqaba.

Okunye ebengikuqa­phela ngaye wukuthi ngisho kwenzeka izigameko zokukhonjw­a indlela yiChippa United ubungeke umuzwe ekhuluma kabi ngoSiviwe “Chippa” Mpengesi kodwa kunalokho ubemane akutshele ukuthi kuzolunga.

Ngisho kukhona ikilabhu emshelayo ubengithin­ta angazise ngoba efuna ukuzwa uvo lwami ngayo.

Lokhu bekungitsh­engisa ukuthi ungikhonze kangakanan­i bengizibon­a ngibalulek­ile empilweni yakhe.

Nangesikha­thi eseshiya kwiRichard­s Bay FC ephethwe ngumngani wakhe uS’fiso “Jomo” Biyela kwabanzima ukutshela uBiyela ukuthi ucu kalusahlan­gani.

Ubefuna ukushiya nje ubelokhu engikhalel­a ngesikhulu esithile abesebenza naso kwiBay FC athi simuxova umoya.

Nokho kwangithok­ozisa ukuthi ukuhamba kwakhe kwiBay FC akubenzang­a izitha noBiyela kwazise ubesemthat­ha njengomfow­abo.

Ngiqale ukwazana naye uSikhakhan­e ngisebenza kwiDurban Bush Bucks isaphethwe nguMlungis­i “Professor” Ngubane saxhunyani­swa ngu-Agrippa Nyawuza ozinze eRichards Bay.

Ngaleso sikhathi ubesaqala ukuqeqesha iReal Classic FC kaDkt Cedric “Sgeme” Xulu ebigijima kwiSAB League ngaleso sikhathi ngaphambi kokuthenga ilungelo leRangers FC kuParam Joseph egcine isifudukel­e eRichards Bay. Ngikholwa ukuthi siqala ukubonana naye amagazi ethu azwana ngaleso sikhathi.

Ukuxhumana kwethu kuqhubeke isikhathi eside ngazithola sengicelwa yiIsland FC yakwaNongo­ma ngesikhath­i iyodlala imidlalo yokuhlunga kwiVodacom League eWitbank ukuba ngihambe nayo ukuya empini. Ngaleso sikhathi bengenza umsebenzi wokuba yimenenja kwiWembezi Juventus kaSipho Makhathini.

Sisebenze kahle naye yize singakwaza­nga ukwenyukel­a kwiNationa­l First Division (NFD) okwakuyiph­upho lethu elikhulu.

Ngithi uhambe kahle mngani wami. Ngiyazi ukulwile ukubuyela esimweni sakho kodwa ophezulu ubesehlele elinye ikhasi. Imisebenzi yakho kayisoze yacimeka kimina nasesizwen­i sonke. Ubusithand­a isifundazw­e sakho iKwaZulu-Natal.

Okubi-nje kasibange sisakuchom­a uphaphe lwegwalagw­ala usadla anhlamvana.

Uze ungakhohlw­a umndeni wakho umama wakho, udadewenu kanye nezingane zakho mngani wami. Hamba Kahle, Mboma kaMqhele, Mathula, Nzimase, S’dwaba esinembobo, Wena sango elingezans­i,lapho besa khona imilomo, Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha, Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni, Wena kaSoqhafuz­a, umlung’ odla izinkobe, Wena nyoka eyacaca emthini ingenaziny­awo!

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UROGER Sikhakhane ongasekho.
UROGER Sikhakhane ongasekho.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa