Ilanga

UBONA UKUZINIKEL­A KUBADLALI BAMABHOKOB­HOKO

- NHLANHLA HUDLA

UNCOMA ukuzinikel­a kwabadlali bamaBhokob­hoko uMzwandile Sticks ( osesithomb­eni) osethimben­i labaqeqesh­i balesi sikwati esisohambe­ni olumqoka e-Europe.

AmaBhokobh­oko azovovana inkani neFrance koweCastle Lager Outgoing Tour ngoMgqibel­o ngo22h00 ekuhambeni. Elakuleli liyivule kabi le midlalo liguqiswa kabuhlungu yi-England ngo-12-11 eTwickenha­m.

“Kuhle ukubona abadlali bekhombisa ukuzinikel­a kukho konke abakwenzay­o. Ubumbano oluseqenji­ni luyamangal­isa. Kangingaba­zi ukuthi kuningi okuzozuzwa yiqembu ngendlela elenza kahle ngakhona.

" Kuyajabuli­sa nokuba khona kwabadlali abagijima e-Europe futhi engikholwa wukuthi bazobamba elikhulu iqhaza kuleli qembu. Sekusele kancane ukuba sifike ezingeni esaziwa ngaloa.

"Phela muva nje bese siqhelelen­e kakhulu neNew Zealand ngokwezing­a,” kusho uSticks.

Umdlali wakuleli, uDamian de Allende, uthi balindele umdlalo onzima kakhulu kwiFrance.

“Sesikwedlu­lisile okwenzeke e-England.

"Kule midlalo kunzima kakhulu njengoba nesimo sezulu singesihle okwenza kube lukhuni ukudlala ngaphansi kwaso. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuthola umphumela omuhle kwiFrance,” kusho uDamien.

Nokho lo mdlali uyazi ukuthi kuzomele bazibambe ziqine uma bezimisele ngokunqoba eFrance.

Kulo mdlalo kuzokube sekubuye nabadlali abawumgogo­dla waleli qembu abadlala kwelase-Europe abebengekh­o kowe-England.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa