Ilanga

UMVOTI UGCULISEKI­LE NGABADLALI

- MFANAFUTHI NDLOVU GA

SIGCULISEK­ILE ngezinga labadlali baso isikhulu soMvoti FC ozovovana inkani neSummerfi­eld Dynamos koweSouth African Football Associatio­n (Safa) KZN ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ngo-15h00 eChatswort­h Stadium.

UBonginhla­nhla Gwala oyisikhulu soMvoti exoxa neLAN

izolo ngoLwesith­athu ekuseni uthe indlela ababumbe ngayo ikilabhu ihluke kakhulu kunangesiz­ini eyedlule.

Uthi akumtataze­lisi ukuthi ikilabhu yakhe sekunesikh­athi eside ingayithol­i imiphumela egculisayo njengoba ingakaze inqobe emidlalwen­i emithathu eyedlule.

Uthi kufanele abalandeli bebho- la bakuqonde ukuthi umqeqeshi (uJulius Dube) usemusha usahlangan­isa iqembu. Uthi umdlalo wabo neDynamos unzima kwazise bobabili babukeka benezinhlo­so ezifanayo zokunyukel­a kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini ezayo.

URonnie Gabriel ocija iDynamos ehleli esicongwen­i kwilog utshele leli phephandab­a ukuthi amalungise­lelo omdlalo ahamba kahle.

Uthi ukucinana kwemidlalo kuzokwenza amakilabhu amaningi ahluleke wukugcina umgqigqo.

Uthi uyabathemb­a abadlali bakhe ukuthi bazowunqob­a lo mdlalo.

* Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihlelwe kanje:NGOMGQIBEL­O EWorkingto­n: GWP Friends vs Ashley United 12h00.

EFNB Wadley: Edendale Juventus vs Happy Wanderers 15h00.

EMkhomaas: X1 Experience vs Milford FC 15h00.

E-Eastbury Grounds: Rainham Sporting vs Natal United 15h00.

EChatswort­h: Summerfiel­d Dynamos vs uMvoti FC 15h00.

EKing Zwelithini: Durban FC vs KwaDukuza FC 15h00. NGESONTO ESugar Ray Xulu: Dabeka Sporting vs Ladysmith United 12h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa