I-PROTEAS YETHEMBISA UKUPHINDA IBUKISE NGE-AUSTRALIA

Ilanga - - Ezemidlalo -

KUBHEKWE ukuba iProteas okuyiqembu lesizwe lekhilikithi lakuleli liqhubeke lapho ligcine khona uma selitholana phezulu ne-Australia kwi-One Day International (ODI) kusasa ngoLwesihlanu e-Adelaide Oval, e-Australia.

IProteas kulindeleke ukuba iqhubeke lapho igcine khona njengoba isanda kubhaxabula i-Aus- tralia ngo-6 wickets iyishayela ekhaya. Umdlalo olandelayo walamazwe we-ODI uzokuba ngeSonto bese kuqala eye-T20.

Yize iProteas inqobile ngeledlule kodwa ezika-Ottis Gibson kuzomele zizibambe ziqine uma zizimisele ukunqoba kwazise i-Australia yenza kahle kakhulu uma idlalela ekhaya.

Le midlalo ngeyokuzilungiselela iCricket World Cup ezokuba ngonyaka ozayo e-England naseWales ngokwehlukana.

ULungi Ngidi ongumshibi wakuleli kulindeleke aqhubeke nefomu yakhe kule midlalo yeODI.

Lo mdlali osanda kungena kumaProteas ukhombisa ukuvuthwa okumangalisayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.