Ilanga

EZIMNANDI KWIBAFANA KULIMALA ABE-NIGERIA

-

EZIMNANDI eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana izimbangi zayo zilinyalel­wa ngabadlali abamqoka ngaphambi komdlalo omqoka wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seCameroon ngonyaka ozayo.

IBafana izobhekana neNigeria koka-group E wokuhlunge­la i-Afcon ngoMgqibel­o womhla ka-17 ngo15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IBafana iya kulo mdlalo nje, kufanele noma kanjani iwunqobe ukuze izibeke ethubeni lokungena kule midlalo. Iya kulo mdlalo igcwele ukuzethemb­a njengoba ihlule iNigeria ngo-2-0 emlenzeni wokuqala obusekuham­beni.

Ezimnandi kwiBafana ngezokuthi iNigeria iza kulo mdlalo womlenze wesibili ngaphandle kwabadlali bayo abamqoka. UFrancis Uzoho (20) ongunozint­i ogila izimanga emapalini no-Ogenyi Onazi odlala emuva ngeke babe khona ngenxa yokulimala. UWilfried Ndidi noJohn Obi Mikel abadlala esiswini nabo ngeke babe khona ngenxa yezigwebo zamakhadi. Ukungabi bikho kwalaba badlali kwenza iNigeria ixege kwazise yibona abawumgogo­dla.

UStuart Baxter ololonga iBafana, uveze ukuthi into emqoka kuyena wukuqinise­kisa ukuthi ubophela iqembu eliqinile, akakunakil­e kangakho okwenzeka kwizimbang­i zakhe.

“Into emqoka wukuba sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo. Baneqembu elinesipil­iyoni, iningi labadlali babo bagijima e-Europe. Kodwa-ke bazofika sibalindel­e lokho kangikunga­bazi,” kusho uBaxter.

Iqembu leBafana Bafana elizobhek- ana neNigeria liboshelwe kanje, onozinti: Itumeleng Khune, uRonwen Williams noDarren Keet.

Abasemuva: Ramahlwe Mphahlele, Motjeka Madisha, Siyanda Xulu, Thulani Hlatshwayo, Innocent Maela, S’fiso Hlanti, Buhle Mkhwanazi noThamsanq­a Mkhize.

Abasesiswi­ni: Vincent Pule, Lebohang Maboe, Tiyani Mabunda, Hlompho Kekana, Fortune Makaringe, Teboho Mokoena, Thulani Serero noThembink­osi Lorch.

Abagadli: Lebo Mothiba, Percy Tau, Dino Ndlovu noThemba Zwane.

EleNigeria lona liboshelwe kanje, Onozinti: Theophilus Afelokhai (Enyimba); Ikechukwu Ezenwa (Enyimba) noDaniel Akpeyi (Chippa United, South Africa).

Abasemuva: Olaoluwa Aina (Torino, Italy); Adeleye Aniyikaye (FC IfeanyiUba­h); Semi Ajayi (Rotherham United, England); Bryan Idowu (Lokomotiv Moscow, Russia); William Ekong (Udinese, Italy); Leon Balogun (Brighton & Hove Albion, England); Kenneth Omeruo (Leganes, Spain) noJamilu Collins (SC Padeborn, Germany).

Abasesiswi­ni: Oghenekaro Etebo (Stoke City, England); John Ogu (Hapoel Be’er Sheva, Israel) noMikel Agu (Vitoria Setubal, Portugal).

Abagadli: Ahmed Musa (Al Nasr, Saudi Arabia); Kelechi Iheanacho (Leicester City, England); Moses Simon (Levante, Spain); Victor Osimhen (Royal Charleroi SC, Belgium); Odion Ighalo (Changchun Yatai, China); Alex Iwobi (Arsenal, England); Samuel Kalu (Bordeaux, France); Isaac Success (Watford, England) noSamuel Chukwueze (Villarreal, Spain).

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ??
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa