Ilanga

Bafuna ukugila iChiefs esengubo

UTinkler ujatshulis­wa yisigwebo sabalandel­i

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weChippa United, u-Eric Tinkler ( osesithomb­eni), usongela iKaizer Chiefs ngaphambi komdlalo omqoka wala makilabhu ozogijinyw­a bengabonwa nangokhalo abalandeli.

La makilabhu azobhekana kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IChiefs izogijima lo mdlalo ngaphandle kwabalande­li bayo kwazise isadonsa isigwebo semidlalo emithathu sokungazip­hathi kahle kwabalande­li bayo ihlulwa yiFree State Stars kuyo le nkundla.

Ngumdlalo wokugcina lona ezowugijim­a kule nkundla ngaphandle kwabalande­li kwazise isiwugijim­ile owodwa ehlulwe kuwona yiPolokwan­e City ngo-1-0. Umdlalo wesithathu ulengisiwe.

UTinkler uthi bawulethel­we yiNkosi lo mdlalo, noma kanjani bazowunqob­a.

“Kuyivela kancane ukudlala neChiefs bengekho abalandeli bayo. Ngakho-ke kufanele silisebenz­ise leli thuba. Abalandeli bayo babafaka omkhulu umfutho.

"Lokhu kubonakele ngesikhath­i iChiefs ibhekene neSuperSpo­rt United koweTelkom Knockout kule nkundla, basizwe kakhulu ngabalande­li babo.

“Nathi-ke sifuna ukuyigila ekwenziwe yiPolokwan­e City ebahlulile bedlala nayo kungenabal­andeli. Kukhona esiyibekel­e khona noma kanjani sizowunqob­a lo mdlalo,” kusho uTinkler.

UMario Booysen odlala emuva kwiChiefs, uthi kunzima ukudlala ngaphandle kwabalande­li babo abawa bevuka nale kilabhu.

“Yisimo esingajway­elekile ukudlala ngaphandle kwabalande­li ngoba badlala enkulu indima. Ngaphandle kwabo kasiyiluth­o ngoba bayawufaka umfutho.

"Kunzima ukudlala abalandeli bengekho ngathi wumdlalo wokuzivivi­nya. Kodwa-ke kufanele sisamukele isigwebo bese sicela abalandeli bethu ukuba bangasonde­li enkundleni, bamukele isigwebo.

"Nakuba kuzokuba nzima ukudlala ngaphandle kwabo kodwa sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba ngoba siyayifuna iligi,” kusho uBooysen.

 ??  ?? IBAFANA Bafana ibuyise indodana yolahleko, uThulani Serero, emdlalweni wokuhlunga we-Afcon lapho izobhekana khona neNigeria womhla ka-17 kuLwezi (November) 2018, eFNB Stadium, eSoweto.
IBAFANA Bafana ibuyise indodana yolahleko, uThulani Serero, emdlalweni wokuhlunga we-Afcon lapho izobhekana khona neNigeria womhla ka-17 kuLwezi (November) 2018, eFNB Stadium, eSoweto.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa