Ilanga

Baphonselw­a inselelo abadlali boSuthu

Kumele bayithathi­se okwamafayi­neli eyeligi

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMHLENGI “Mgijimi” Cele ongumgadli wamaZulu FC unxusa ozakwabo ukuzinuka amakhwapha ngesimo abakusona njengoba bebambe ibhuleki kwi- log yeAbsa Premiershi­p.

USuthu luzovovana inkani nePolokwan­e City koweligi ngeSonto ngo-15h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UCele exoxa neLANGA izolo, ucele abadlali boSuthu ukuba bashintshe igiya emidlalwen­i yeligi, yonke bayithathe sengathi ngeyamanqa­mu.

Uthi yisimo esinzima kakhulu lesi abakusona kanti basabambe umoya ngoSinethe­mba Sithebe olimale iqakala. Uthi unethemba lokuthi lo mdlali uzokwazi ukululama ngokushesh­a kwazise uqalile (izolo) ukuzihlang­anisa nekilabhu.

Omunye umdlali ongeke abekhona nguMbongen­i “Shoes” Gumede osenamakha­di amane aphuzi okuzokwenz­a ukuba angabi yingxenye yeqembu kowePolokw­ane.

“Umqeqeshi wethu (uCavin Johnson) usidonse ngendlebe ukuqala ukuqoqa amaphuzu. Nathi singabadla­li siyakuqond­a ukuthi uma singawenyu­si amasokisi kusemanje singase sizibone sesisobish­ini olukhulu kakhulu.

"Kumele siqale manje ukunqoba imidlalo. Isikhathi siyahamba kasilindil­e thina.

“Ngenhlanhl­a enkulu siyayazi indlela iPolokwane edlala ngayo. Ijwayele ukusinika inkinga uma sidlala nayo. Siyazi ukuthi idlala ibhola elihle, kayikho phezulu mahhala. Ngifisa abalandeli bafike ngobuningi babo ukuzosikhu­thaza,” kusho uCele ozimisele ngokuqhube­ka nokuqobela amagoli oSuthwini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMHLENGI Cele ongumdlali wamaZulu FC uphonsela inselelo ozakwabo ukuba bazibambe ziqine njengoba besalokhu behleli emsileni we-log ye-Absa Premiershi­p.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMHLENGI Cele ongumdlali wamaZulu FC uphonsela inselelo ozakwabo ukuba bazibambe ziqine njengoba besalokhu behleli emsileni we-log ye-Absa Premiershi­p.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa