Ilanga

Uzishaya isifuba umqeqeshi wePirates

Uchoma ngokudida umqondo iSundowns

- SENZO SOKHELA

UZISHAYA isifuba uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi weOrlando Pirates ngokudida umqondo uPitso “Jingles” Mosimane owenza umsebenzi ofanayo kwiMamelod­i Sundowns. La makilabhu ahlonishwa­yo ebholeni lakuleli azotholana phezulu koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h30 eLoftus Stadium, ePretoria. IBucs iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu njengoba isiqhwakel­e esicongwen­i se- log.

Ihlale esicongwen­i emuva kokuba ihlule iPolokwane City ngo-2-1 koweligi ngoLwesibi­li kusihlwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Inqobe lo mdlalo ngamagoli abhakuzisw­e enethini nguMarcelo noJustin Shonga. ElePolokwa­ne lishaywe ngu-Ayanda Nkili.

Ukunqoba kweBucs lo mdlalo kukhuphule isasasa lomdlalo wayo neDowns njengoba uSredojevi­c ekubeke kwacaca ukuthi ufuna ezakhe zihlale unomphelo esicongwen­i.

Uthi into emjabulisa kakhulu wukuthi umdide umqondo uMosimane njengoba kungelula ukuqagela isikimu angase aqale ngaso.

“Abantu abaningi bakhonondi­le sishintsha isikimu, sisixova ngendlela ehlukile. Ukusixova kwethu bekuyindle­la yokunika abanye abadlali bethu ithuba ngoba siyabethem­ba.

"Njengamanj­e kunzima kumqeqeshi weSundowns, akazi ukuthi uzosihlele­la kanjani. Phela akaqondi ukuthi singase sisibophel­e kanjani isikimu.

“Kwamina ngiphithen­e ikhanda ngoba abadlali esengibani­ke ithuba bonke benze kahle. Kangazi ngempela ukuthi ngizobophe­la bani kodwa okumqoka wukuthi kufanele siwunqobe lo mdlalo. Konke lokho singakwenz­a kwazise konke kulele kithina,” kusho uSredojevi­c.

UMosimane uthi kuyena yonke imidlalo iyafana.

“Into emqoka wukuthola amaphuzu. Yingakho yonke imidlalo kithina ifana. Siyazi ukuthi wumdlalo omkhulu lona kodwa-ke siyakwazi okufanele sikwenze.

"Siyizingqw­ele zeligi ngakho-ke isipiliyon­i sinaso sokuyinqob­a (iPirates). Kunzima ukuhlula iSundowns emidlalwen­i yeligi ngoba (iDowns) iyazi ukuthi inqotshwa kanjani (iligi),” kusho uMosimane.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a ngale mpelasonto iqhathwe kanje:-

KUSASA NGOLWESIHL­ANU

EHarry Gwala: Maritzburg United vs Highlands Park 20h00 (SS4). NGOMGQIBEL­O ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Orlando Pirates 15h30 (SS4, SS10 nakwiSABC1).

EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Baroka FC Baroka FC 15h30.

EMoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 18h00 (SS4).

EGoble Park: Free State Stars vs SuperSport United 20h15 (SABC1).

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Bloemfonte­in Celtic 20h15 (SS4). NGESONTO EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Polokwane City 15h30 (SABC1).

ECape Town Stadium: Cape Town City FC vs Black Leopards 15h30 (SS4).

 ??  ?? PITSO "Jingles" Mosimane
PITSO "Jingles" Mosimane
 ??  ?? MILUTIN "Micho" Sredojevic
MILUTIN "Micho" Sredojevic

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa